#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye
#UkhozifmVabs :Silandela udaba oluthinta ukugcagcelwa kweSilo samaZulu uMisuzulu kanye nokuxoshwa kwaloyo obeyisikhulumi sakhe, uMntwana uSimphiwe Zulu. ISilo siphinde sibhekane nesehlukaniso noNdlunkulu uKaMayisela ofake isicelo esiphuthumayo enkantolo sokuvimba umshado noNdlunkulu uNomzamo Myeni. Lesicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu namhlanje. Imizamo yokuthola uvo lwase Ndlunkulu ayiphumelelanga. Sixoxa no Sihle Mavuso oyintatheli e-The African Times.
Silandela udaba oluthinta ukugcagcelwa kweSilo samaZulu uMisuzulu kanye nokuxoshwa kwaloyo obeyisikhulumi sakhe, uMntwana uSimphiwe Zulu. ISilo siphinde sibhekane nesehlukaniso noNdlunkulu uKaMayisela ofake isicelo esiphuthumayo enkantolo sokuvimba umshado noNdlunkulu uNomzamo Myeni. Lesicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu namhlanje. Imizamo yokuthola uvo lwase Ndlunkulu ayiphumelelanga. Sixoxa no Sihle Mavuso oyintatheli e-The African Times.
#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu
#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande
#Ukhozifmvabs :Namhlanje sihalalisela u-Thobile Mncwango oneminyaka engu 35 ofeze iphupho lakhe lokuphasa u-matric. U-Thobile uthole o-A abane. Lentokazi yabuyela esikoleni ukuyofunda uGrade 11 ineminyaka engu 33 eMthombowesizwe High School kwa Nongoma eKZN.

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube
#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye
#Ezwenisakhile :sithe namhlanje ake sibheke udaba lokuqhubeka nokushaywa kwezingane eyikoleni yize ngokomthetho lungasavumelekile loluhlobo lesijezo. Silandelela udaba oluthinta umfanyana oneminyaka eyishumi ongowase Mtubatuba eKZN nosola owayenguthisha wakhe ngokumshaya ngepayipi laplastiki esandleni okwaholela ekutheni afake ukhonkolo. Ngokuka gogo womntwana, lothisha ofundisa esikoleni samabanga aphansi waqala wavuma ukuthi umshayile umntwana waze waxolisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi waliphika icala wathi umntwana uwe esihlahleni. Ugogo ukhala nangokuthi umntwana akasakwazi ukusebenizisa isihlakala emva kwalesehlakalo.