Vuka Afrika Breakfast Show

Entertainment 2024

An energetic breakfast show packed with education, information, inspiration and wit, presented by Sipho Mbatha and Nonhlanhla Buthelezi. This show seeks to drive inspiration, information and insight first. Stay updated on developing stories and hear from the newsmakers making headlines as well as ordinary listeners affected by the stories. The show promises something new everyday as well as regular features keep audiences informed, educated and empowered.Stay updated on developing stories and hear from the news makers making headlines as well as ordinary listeners affected by the stories.

#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Siyabonga Mthembu oneminyaka engu 16 onenkinga yokuthi akakwazi ukuzizwa uma kufanele ayozikhulula endlini encane.

11:12

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

02:07

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

01:54

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede

Yini Uthingolwenkosazana  ?

08:58

#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngabavukuzi abangekho emthethweni abaziwa ngama zama-zama. Lengxoxo ilandela umyalelo okhishwe Inkantolo enkulu yase Pitoli wokuthi kuvulwe indlela yokungena emayini yaseStilfontein eNorth West ukuze kuvunyelwe abezimo eziphuthumayo bafinyelele kubavukuzi abasele emgodini wemayini engasasebenzi. Labavukuzi abafuni ukuphuma ngoba besaba ukuboshwa amaphoyisa asebenza ngaphansi komkhanso obizwa nge Operation Vala

19:52

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

02:14

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:11

#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba :Ukusungulwa kwe Rural Chamber of Commerce and Industry

10:12

#Ukhozimvabs : UMnyango wezoHwebo neziMboni uhlongoza umthetho ozovikela abathengi kuma telemarketers. Abafisa ukufaka uvo lwabo kulomthetho bangakwenza lokho ngaphambi kwamhlaka 15 January 2025. Sixoxa no Thezi Mabuza oyi Phini lika Khomishana wenhlangano evikela abathengi iNational Consumer Commission.

10:32

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

02:34

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede

Yini :isimomvama 

04:43

#Ezwenisakhile :owesilisa ocela ukufuniswa izihlobo zalowo okade ethandana naye kodwa osedlulile emhlabeni. UMnuz Msawakhe Nene ongowase Mid-Illovo esigodini sase Mpekula eKZN uthi ubesethandane nalowesifazane oneminyaka engu 24 iminyaka emibili ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni izolo ekuseni. U- Msawakhe oneminyaka engu 39 uthi uzamile ukwazisa ubhuti kamufi ngalesehlo kepha akamtholi ocingweni nalapho ehlala khona. U-Msawakhe ubuye akhale ngokuthi njengoba engasebenzi akakwazi ukuyisa isidumbu emakhazeni ngoba kudingeka imali osekuholele ekutheni isidumbu sihlale kubo aze athole usizo.

11:11

#Ukhozifmvabs :Ingxoxo ekhethekile nomculi Kelly Khumalo osephothulile ephehlweni

08:48

#UkhozifmVabs:INkantolo yoMthethosisekelo idingida udaba lokuthi ubaba kufanele ahlale ekhaya isikhathi esilinganayo nesamama emva kokuzalwa kwengane. Ngokwe Basic Conditions of Employment Act, umama unelungelo lokuhlala izinyanga ezine ekhokhelwa emsebenzini emva kokuteta kepha ubaba yena unelungelo lokuhlala izinsuku eziyishumi

18:43

#Ukhozifmvabs : Ingxoxo ekhethile no Advocate Dali Mpofu osejoyine iqembu Umkhonto Wesizwe

#Ukhozifmvabs : Advocate Dali Mpofu usejoyine iqembu Umkhonto Wesizwe

05:58

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

02:10

Ingxoxo no Lungile Mabhena umbhali noqhakambisa amasiko akwa Ndebele,

10:27

#Disability360 :namhlanje sivakashelwe u-Mhlengi Gwala ohlomule indondo ye Sportsman of the Year ngaphansi kwalabo abaphila nokukhubazeka kuma KZN Sport Awards ngempelasonto eyedlule. U-Gwala ongowase Thekwini ungumgijimi ophinde angenele nemincintiswano yamabhayisikili nawokubhukuda, phecelezi uyi-triathlete. U-Gwala wehlelwa isigameko esinyantisa igazi ngenkathi ehlaselwa amadoda amathathu ezama ukumnquma imilenze ngesaha ngesikhathi ezivocavoca ngebhayisikili ngonyaka ka 2018. Kepha usalulama wabuyela ekubeni i-triathlete.

12:38

#Ukhozifmvabs :Sifiso Shangase SANTACO Provincial Office Manager eKZN.

Silandela imibiko yokuvinjwa kwabashayeli bezimoto ezincane ukuthi bagibeze abantu ezimotweni zabo. Lomkhuba wenziwa ngabazibiza ngama taxi patrollers okukholakala ukuthi bangaphansi kwembhoni yamatekisi. Kubikwa ukuthi esifundazweni sase North West kubekwe umthetho wokuthi abahamba ngezimoto ezincane akusafanele bagibeze abantu abadlula kwababili ezimotweni zabo. Lokhu kuholele ekutheni umphakathi wakulesifundazwe ushise amatekisi ngoba ukhala ngokuthi ngeke ulawulwe osomatekisi ngezimoto zabo. Abanye bakhala ngokuthi bahlawuliswa imali noma kuthathwe izimoto zabo uma behambha nabantu ezimotweni zabo. Sekuboshwe oyedwa esifundazweni sase Mpumalanga ngalomkhuba. Sixoxa no Sifiso Shangase oyi Provincial Office Manager eKZN.

20:53

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

02:18
Close

Save video to ...