listen to Dankie 1223
19.10.26 Podcast (Ingalo Yomthetho)
Ingabe iNingizimu Afrika Kufanele Ibuyise Imigomo Yotshwala Yangesikhathi se-COVID-19? | Asikhulume
Ukuyeka Umsebenzi Ulandele Iphupho Lakho | Kubamba Ezingelayo
Baningi abantu abanamaphupho abafisa ukuwafeza, kungaba ukuqala ibhizinisi, ukungena komunye umsebenzi noma ukuguqula ithalente labo libe yindlela yokuziphilisa. Kodwa inselelo iba nkulu uma lelo phupho lidinga ukuthi ushiye umsebenzi okuholelayo, udele ukuphepha kwezimali obukujwayele, ungene endleleni ongazi ukuthi izokuholelaphi. Sifuna ukwazi ukuthi umuntu angasuka kanjani ekubeni nephupho nje aye ekulenzeleni impilo yakhe.
Ingabe i-SARS ingadonsa imali oyikweletayo ngqo emholweni wakho?
Kujwayelekile ukuthi uma ukweleta imali, kube nguwe othatha izinyathelo zokuyikhokha. Kodwa bewazi yini ukuthi i-South African Revenue Services (SARS) ingayalela umqashi wakho ukuthi adonse imali oyikweletayo emholweni wakho, ingene ngqo esikweletini sakho sentela? Namuhla sixoxa nomcwaningi mabhuku ukuze sikuqonde kahle ukuthi loluhlelo luzosebenza kanjani, nokuthi yini okufanele uyenze ukuze ungazitholi usumangazwa ukudonswa kwemali emholweni wakho.
Uthini Umthetho Ngesiqashi Esinqaba Ukuphuma Emqashweni? | Ingalo Yomthetho
Yini Ekucasula Kakhulu Ngabashayeli Emgwaqeni? | Asikhulume
Njengoba kuyinyanga yezokuthutha, sibheka indlela esiziphatha ngayo emigwaqeni yethu nokuthi izenzo zethu njengabashayeli zinomthelela muni ekuphepheni kwabanye abantu. Njengomshayeli, umgibeli wetekisi, ohamba ngezinyawo noma osebenzisa ibhayisikili, yimuphi umkhuba wokushayela okufanele siyeke ukuwubekezelela emigwaqeni yethu, futhi yini ocabanga ukuthi ingaguqula le ndlela yokuziphatha?
Kungani Abanye Abalimi Bethola Isivuno Esihle Kanti Abanye Bengaphumeleli? | Umphako Wemvelo
Ukulima kuyindlela yokuziphilisa, kodwa futhi kuwumsebenzi odinga ulwazi, ukubekezela nokwenza izinqumo ezifanele. Siyaye sibone umlimi etshala athole isivuno esihle, kanti omunye etshale into efanayo, ngesikhathi esifanayo, kodwa agcine elahlekelwe noma engatholanga isivuno abesilindele. Ngabe umehluko usuke ukuphi? Namuhla sithi asifundisane, sizwe kochwepheshe asebenesipiliyoni ukuthi yiziphi izindlela ezingasiza umuntu ukuba athole isivuno esihle, nokuthi singalusebenzisa kanjani lolu lwazi ukuze sithuthukise ukulima kwethu, kungakhathaliseki ukuthi silima ensimini enkulu noma engadini yasekhaya.
Ingxoxo noMawhoo
Umthethosisekelo Wase Ningizimu Afrika Ngabe Udinga Ukuchitshiyelwa? | Ingalo Yomthetho
Uma sibheka izinselelo ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika namuhla, kusukela ebugebengwini, enkohlakalweni, ekuswelekeni kwemisebenzi nasekungahlinzekweni kwezidingo zomphakathi, kuye odabeni lwabantu bakwamanye amazwe abangena kuleli kungemthetho, kunabantu asebeqala ukubuza ukuthi ingabe uMthethosisekelo wethu uyazifeza yini izithembiso zawo. Namuhla sifuna ukuzwa kuwena ukuthi ingabe uMthethosisekelo udinga ukuchibiyelwa, futhi ikuphi obona ukuthi kudinga ukufakwelwe izibuko ngokushesha?
Ama-Study Care Packs Abafundi: Ukweseka Ingane noma Ukufaka Ingcindezi Kwabanye? | Asikhulume
Njengoba abafundi bakaMatikuletsheni bebhala izivivinyo zabo zokugcina, kunomkhuba osudonse amehlo abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, lapho abazali abaya ezikoleni beyoshaya iTadaa ezinganeni zabo ngama-study care packs. Lama study care packs angaba nokudla okulula, iziphuzo, izinto zokubhala nezinye izinto ezisiza umfundi ngesikhathi sezivivinyo. Umbuzo-ke uthi ingabe inkinga yilesi senzo ekuthiwa esokweseka ingane, noma yindlela esenziwa ngayo, ikakhulukazi uma senziwa obala phambi kwabanye abafundi?
Ngabe Uthenga Ngendali Noma Iphakethe Alikagqobhoki? | Mthengi Gada Iphakethe Lakho
Ukwazi Kangcono IJaji uNavi Pillay | Siqalaza Phesheya
Namhlanje sithi ake simazi kangcono iJaji uNavi Pillay, waseNingizimu Afrika ohlonishwe nge-Nobel Peace Prize ka-2026 ngomsebenzi wakhe kwezobulungiswa namalungelo abantu. Sizobheka uhambo lwakhe, igalelo lakhe ekulweni nokungabi nabulungiswa emhlabeni, ukusabela kukaMengameli waseMelika uDonald Trump kulo mklomelo, kanye nemibono ehlukene yamazwe ngamazwe. Sixoxa nomhlaziyi wezombusazwe nobudlelwano bamazwe ngamazwe.
Ukuzilungiselele Izivivinyo Zokugcina ZikaMatikuletsheni Ngokomqondo | Kubamba Ezingelayo
Izivivinyo zokugcina ZikaMatikuletsheni sesingathi sezifikile njengoba kuqalwa ukubhala kusasa, kanti kubafundi abaningi lokhu kuhambisana novalo, ingcindezi nokukhathazeka ngekusasa. Kodwa ukuzilungiselela akugcini ngokufunda kuphela, kubalulekile nokuzilungiselela ngokomqondo. Namuhla sixoxa nongoti wokusebenza kwengqondo, ngokuthi abafundi nabazali bangabhekana kanjani nale ngcindezi ukuze abafundi babhale izivivinyo bezethemba futhi bezolile.
Izivivinyo Zokugcina ZikaMatikuletsheni | Asikhulume
Izivivinyo zokugcina zikaMatikuletsheni sezisondele, kanti kusukela ngomhlaka-13 kuMfumfu abafundi bebanga lesi-12 bazobe sebeqala ukubhala. Namuhla sifuna ukungena emakhaya sibheke ukuthi kwenzekani ngempela njengoba izivivinyo zikaMatikuletsheni ziqala ngesonto elizayo?
Umcimbi we-Scorpion Kings noYoung Stunna
Taxi Etiquette: Yini Eyenza Umgibeli Abe Muhle? | Asikhulume
Uma sikhuluma ngezokuthutha, sivame ukukhuluma ngokuphepha kwabashayeli, kodwa kuthiwani ngomgibeli? Ukuba ngumgibeli wesithuthi somphakathi akugcini nje ngokukhokha imali nokufika lapho uya khona. Nathi njengabagibeli sinendima ekwenzeni uhambo lube phephile, luhlonipheke futhi lube lula kuwo wonke umuntu, okubala thina sodwa njengabalaleli.
Ukudla Okungasindi Kwasehlobo | Ekhishini Lika Mamkhulu
Kulengosi sibheka ukudla esekumele siqale sikudle njengoba kuphuma isikhathi sobusika lapho besidla khona ukudla okusindayo. Njengoba sikuNtwasa-Hlobo, ikuphi ukudla okulula futhi okunempilo esingaqala sikudle?
Umthetho Olawula Izindlu Zoxhaso lukaHulumeni | Ingalo Yomthetho
Izindlu zomxhaso, phecelezi iReconstruction and Development Programme (RDP) housing isiza izinkulungwane zemindeni ukuthi zithole ikhaya. Kodwa uma usuyitholile le ndlu, uyazi yini ukuthi umthetho uyakuvumela ukuthi wenzeni ngayo? Namuhla sibheka amalungelo nemikhawulo ehambisana nezindlu zomxhaso, nokuthi yini okufanele uyazi ukuze ungazitholi usenkingeni yomthetho.
Isithunzi Sakho vs Ubuwena | Kubamba Ezingelayo
Kukhona umehluko phakathi kokuthi abantu bakubona kanjani nokuthi ungubani ngempela. Isithunzi, phecelezi iReputation, sakho sakhiwa yindlela abantu abakubona ngayo, kodwa ubuwena, phecelezi iCharacter, indlela oziphatha ngayo nalapho kungekho muntu okubukayo. Kule nkathi lapho abantu bechitha isikhathi esiningi bezama ukulawula indlela ababonakala ngayo, umbuzo uthi ngabe sigxile kakhulu ekwakheni isithunzi esihle, noma ekwakheni ubuwena obuqotho?
Ulwazi Lwezendabuko Kwezolimo | Umphako Wemvelo
Ngaphambi kobuchwepheshe nezinhlelo zesimanje zokubikezela isimo sezulu, lezi kwakuyizinto ezazifundwa yizizukulwane kubazali, ogogo nomkhulu, ngokubheka imvelo, umhlabathi, izinkathi zonyaka kanye nezimpawu zesimo sezulu. Namuhla sixoxa ngokuthi lolu lwazi lwendabuko lungabasiza kanjani abalimi abasafufusa nalabo abafuna ukuqala ukulima emakhaya.
Save video to ...