listen to Dankie 1223
Umthethosisekelo Wase Ningizimu Afrika Ngabe Udinga Ukuchitshiyelwa? | Ingalo Yomthetho
Uma sibheka izinselelo ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika namuhla, kusukela ebugebengwini, enkohlakalweni, ekuswelekeni kwemisebenzi nasekungahlinzekweni kwezidingo zomphakathi, kuye odabeni lwabantu bakwamanye amazwe abangena kuleli kungemthetho, kunabantu asebeqala ukubuza ukuthi ingabe uMthethosisekelo wethu uyazifeza yini izithembiso zawo. Namuhla sifuna ukuzwa kuwena ukuthi ingabe uMthethosisekelo udinga ukuchibiyelwa, futhi ikuphi obona ukuthi kudinga ukufakwelwe izibuko ngokushesha?
Ama-Study Care Packs Abafundi: Ukweseka Ingane noma Ukufaka Ingcindezi Kwabanye? | Asikhulume
Njengoba abafundi bakaMatikuletsheni bebhala izivivinyo zabo zokugcina, kunomkhuba osudonse amehlo abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, lapho abazali abaya ezikoleni beyoshaya iTadaa ezinganeni zabo ngama-study care packs. Lama study care packs angaba nokudla okulula, iziphuzo, izinto zokubhala nezinye izinto ezisiza umfundi ngesikhathi sezivivinyo. Umbuzo-ke uthi ingabe inkinga yilesi senzo ekuthiwa esokweseka ingane, noma yindlela esenziwa ngayo, ikakhulukazi uma senziwa obala phambi kwabanye abafundi?
Ngabe Uthenga Ngendali Noma Iphakethe Alikagqobhoki? | Mthengi Gada Iphakethe Lakho
Ukwazi Kangcono IJaji uNavi Pillay | Siqalaza Phesheya
Namhlanje sithi ake simazi kangcono iJaji uNavi Pillay, waseNingizimu Afrika ohlonishwe nge-Nobel Peace Prize ka-2026 ngomsebenzi wakhe kwezobulungiswa namalungelo abantu. Sizobheka uhambo lwakhe, igalelo lakhe ekulweni nokungabi nabulungiswa emhlabeni, ukusabela kukaMengameli waseMelika uDonald Trump kulo mklomelo, kanye nemibono ehlukene yamazwe ngamazwe. Sixoxa nomhlaziyi wezombusazwe nobudlelwano bamazwe ngamazwe.
Ukuzilungiselele Izivivinyo Zokugcina ZikaMatikuletsheni Ngokomqondo | Kubamba Ezingelayo
Izivivinyo zokugcina ZikaMatikuletsheni sesingathi sezifikile njengoba kuqalwa ukubhala kusasa, kanti kubafundi abaningi lokhu kuhambisana novalo, ingcindezi nokukhathazeka ngekusasa. Kodwa ukuzilungiselela akugcini ngokufunda kuphela, kubalulekile nokuzilungiselela ngokomqondo. Namuhla sixoxa nongoti wokusebenza kwengqondo, ngokuthi abafundi nabazali bangabhekana kanjani nale ngcindezi ukuze abafundi babhale izivivinyo bezethemba futhi bezolile.
Izivivinyo Zokugcina ZikaMatikuletsheni | Asikhulume
Izivivinyo zokugcina zikaMatikuletsheni sezisondele, kanti kusukela ngomhlaka-13 kuMfumfu abafundi bebanga lesi-12 bazobe sebeqala ukubhala. Namuhla sifuna ukungena emakhaya sibheke ukuthi kwenzekani ngempela njengoba izivivinyo zikaMatikuletsheni ziqala ngesonto elizayo?
Umcimbi we-Scorpion Kings noYoung Stunna
Taxi Etiquette: Yini Eyenza Umgibeli Abe Muhle? | Asikhulume
Uma sikhuluma ngezokuthutha, sivame ukukhuluma ngokuphepha kwabashayeli, kodwa kuthiwani ngomgibeli? Ukuba ngumgibeli wesithuthi somphakathi akugcini nje ngokukhokha imali nokufika lapho uya khona. Nathi njengabagibeli sinendima ekwenzeni uhambo lube phephile, luhlonipheke futhi lube lula kuwo wonke umuntu, okubala thina sodwa njengabalaleli.
Ukudla Okungasindi Kwasehlobo | Ekhishini Lika Mamkhulu
Kulengosi sibheka ukudla esekumele siqale sikudle njengoba kuphuma isikhathi sobusika lapho besidla khona ukudla okusindayo. Njengoba sikuNtwasa-Hlobo, ikuphi ukudla okulula futhi okunempilo esingaqala sikudle?
Umthetho Olawula Izindlu Zoxhaso lukaHulumeni | Ingalo Yomthetho
Izindlu zomxhaso, phecelezi iReconstruction and Development Programme (RDP) housing isiza izinkulungwane zemindeni ukuthi zithole ikhaya. Kodwa uma usuyitholile le ndlu, uyazi yini ukuthi umthetho uyakuvumela ukuthi wenzeni ngayo? Namuhla sibheka amalungelo nemikhawulo ehambisana nezindlu zomxhaso, nokuthi yini okufanele uyazi ukuze ungazitholi usenkingeni yomthetho.
Isithunzi Sakho vs Ubuwena | Kubamba Ezingelayo
Kukhona umehluko phakathi kokuthi abantu bakubona kanjani nokuthi ungubani ngempela. Isithunzi, phecelezi iReputation, sakho sakhiwa yindlela abantu abakubona ngayo, kodwa ubuwena, phecelezi iCharacter, indlela oziphatha ngayo nalapho kungekho muntu okubukayo. Kule nkathi lapho abantu bechitha isikhathi esiningi bezama ukulawula indlela ababonakala ngayo, umbuzo uthi ngabe sigxile kakhulu ekwakheni isithunzi esihle, noma ekwakheni ubuwena obuqotho?
Ulwazi Lwezendabuko Kwezolimo | Umphako Wemvelo
Ngaphambi kobuchwepheshe nezinhlelo zesimanje zokubikezela isimo sezulu, lezi kwakuyizinto ezazifundwa yizizukulwane kubazali, ogogo nomkhulu, ngokubheka imvelo, umhlabathi, izinkathi zonyaka kanye nezimpawu zesimo sezulu. Namuhla sixoxa ngokuthi lolu lwazi lwendabuko lungabasiza kanjani abalimi abasafufusa nalabo abafuna ukuqala ukulima emakhaya.
Idlozi vs Ithongo | Asikhulume
Top Billing Top 10 Finalist - Gugu Karen Mthethwa
Davenport Shisanyama | Ekhishini Lika Mamkhulu
Ukhokhela Izinto Ezingaki Ongazisebenzisi? | Mthengi Gada Iphakethe Lakho
Wake wabheka i-bank statement yakho wathola ukuthi sekuphele izinyanga ukhokhela into ongayisebenzisi? Mhlawumbe yi-gym owawuzimisele ukuya kuyo njalo ngoJanuwari. Noma i-subscription oyibhalisela ukubuka into ethile, kodwa sekuphele izinyanga ungakayivuli. Kungaba i-app, i-cloud storage, i-membership, unshwalense owengeziwe, noma okunye okusonsa imali njalo ngenyanga. Umbuzo wethu uthi ngabe zingaki izinto ozikhokhelayo njalo ngenyanga kodwa ongazidingi futhi ongazisebenzisi?
Umhlangano we-UN | Siqalaza Phesheya
Umhlangano we-United Nations ubuphakamise izindaba ezibalulekile ezithinta ubudlelwano bamazwe, kanti iNingizimu Afrika ibhekene nokungezwani neMelika kanye nenkulumo ethi “White Genocide”. Sixoxa nomhlaziyi wezobudlelwano bamazwe ngamazwe ukuze siqonde ukuthi kwenzekeni nokuthi lokhu kuyithinta kanjani iNingizimu Afrika.
Umhlaba Wamakhosi - Ungawuthenga Kanjani Ngokusemthethweni? | Ingalo Yomthetho
Ukuba nomuzi noma indawo ongathi ngeyakho kuyiphupho labantu abaningi. Kodwa-ke, uma kuziwa emhlabeni ongaphansi kobukhosi, izinto zingase zingabi lula njengoba kubonakala. Asike sixoxe ngamalungelo omhlaba ongaphansi kobukhosi, inqubo yokuwuthola ngokusemthethweni, kanye nezinyathelo umuntu okufanele azithathe ngaphambi kokuthenga.
Ungaziphendula Kanjani Kahle Izimpendulo Zemibuzo Ejwayelekile Yenhlolokhono Yomsebenzi? | Kubamba Ezingelayo
Ukuthola isimemo senhlolokhono yomsebenzi kuyisinyathelo esikhulu kumuntu ofuna umsebenzi, kodwa inselelo enkulu ivame ukuqala lapho sekubuzwa imibuzo. Namuhla sixoxa nomqeqeshi ngezindaba zemisebenzi ukuze sizwe ukuthi singayiphendula kanjani le mibuzo ngendlela ezwakalayo, eneqiniso nesenza sigqame kwabanye abafuna lowo msebenzi.
Sithini Isintu Uma Kunje? | Asikhulume
Namhlanje usuku lwamagugu kanti isona sikhathi sokubuye sizinuke amakhwapha mayelana nobuthina. Yingakho sithi asike sikunikeze ithuba eliyingqayizivele lapho uzobuza isazi sethu ukuthi “Sithini Isintu Makunje”. Woza nombuzo wakho weSintu noma amasiko, thina sizokukhanyisela.
Save video to ...