listen to Woza Nabangani Bakho

Woza Nabangani Bakho
Woza Nabangani Bakho

Woza Nabangani Bakho

Entertainment

Woza Nabangani Bakho (WNB) is an afternoon drive show that feels like your home away from home. It has all the makings of a good family – teaching, learning, talking, listening, tears, laughter and memories you’ll hold dear for a lifetime! WNB is driven by the much loved duo Khathide Tshatha Ngobe and Selby “Selbyonce” Mkhize bringing listeners nothing but the best in all the genres of music they love. Buckle up, it’s time to go on a drive you’ll never forget!

INKUNZ`ISEMATHOLENI_ International Coffee Day - Namhlanje sixoxa no-Sikhanyiso Zondo wa- KwaMashu, oyi-barista, i-mixologist nosomabhizinisi osemusha, osebenzisa amakhono akhe ekwakheni ama-experiences okudla, ikhofi neziphuzo, ngenhloso yokukhombisa ukuthi ne-township hospitality ingaba sezingeni eliphezulu futhi idale amathuba entsheni. #UkhoziFMWNB

10:29

EZIKABHOQO_ noCHURCH BOY ku #UkhoziFMWNB (01 OCT 2026)

06:03

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - I-hyperinflation iwukunyuka kwamanani okusheshayo nokungalawuleki. Imali ilahlekelwa amandla okuthenga, amaholo nemali eyongiwe kuphelelwe inani (value), bese abantu beqala ukubalekela imali yezwe. Namuhla sizohlukanisa i-hyperinflation nokunyuka kwamanani okujwayelekile, sizochaza izimbangela futhi sibheke izibonelo zomhlaba. #UkhoziFMWNB

21:11

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Ngabe udizili uphephile yini ukusetshenziswa eMzansi uma usuxutshwe nopharafini? Kuleli sonto sibhekisisa lolu daba, ukuthi lokhu kusho ukuthini kubashayeli nasezimotweni zabo. #UkhoziFMWNB

16:15

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ukulahleka kokudla kwenzeka ngesikhathi kukhiqizwa, kugcinwa noma kuthuthwa, kanti ukumoshwa kuvame ukwenzeka ezitolo, ezindaweni zokudla nasemakhaya. Ngomhla zingama-29 kuSepthemba, umhlaba ugqugquzelwa ukuba unciphise lokhu ngoba ukudla okulahlekayo kusho nokumoshwa kwemali, amanzi, umhlaba, amandla nomsebenzi. #UkhoziFMWNB

20:36

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ I-Guardian’s Fund — Indlela Evikelwa Ngayo Imali Yezingane Nokuthi Isicelo Sayo Sifakwa Kanjani #UkhoziFMWNB

25:56

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - UMthethosisekelo uyabuhlonipha ubuholi bendabuko, kodwa ububeka ngaphansi kwawo, komthetho kanye noMqulu Wamalungelo. Iqhaza lamakhosi lisukela ekuvikeleni amasiko nasekululekeni uhulumeni kuya ekusebenzisaneni nomasipala, kodwa impikiswano isekhona ngokuthi isithunzi, amandla, ukuziphendulela (accountability)nentuthuko kufanele kuhambisane kanjani. #UkhoziFMWNB

15:13

ISIHAMBELI (GUEST) - Siyaqhubeka nokubungaza inyanga yamagugu ngokubaluleka komculo njengenxenye yamagugu akuleli no-Sipho “hotstix” Mabuse! #UkhoziFMWNB

11:04

IZIHAMBELI (GUESTS) - Siyaqhubeka nokubungaza inyanga yamagugu ngokubaluleka komculo njengenxenye yamagugu akuleli ne-Skwatta Kamp! #UkhoziFMWNB

14:17

ISIHAMBELI (GUEST) - Sibungaza inyanga yamagugu ngokubaluleka komculo njengenxenye yamagugu akuleli no-Phuzekhemisi. Kulonyaka i-Gallo Music igubha iminyaka engu-100 kanti isibe negalelo elikhulu ekukhuliseni nasekulondolozeni umculo wakuleli. #UkhoziFMWNB

10:42

NANSI IMEYILI ABAPHILE ABANTU_ Njengoba namhlanje sigubha uSuku Lwamagugu, siphinde sathi akesixexe no-Mnu. Bheki “Yagadla iBoss” Msomi, ongusolwazi ngamakhambi emvelo #UkhoziFMWNB

16:36

EZIKABHOQO_ noNDLEBE ku #UkhoziFMWNB (24 SEPT 2026)

07:38

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Iholo lesikhulu esiphezulu aligcini emholweni wenyanga; lihlanganisa amabhonasi, izabelo nezinye izinzuzo ezifana namasheya. Umehluko ungachazwa ngomthwalo wokuhola inkampani, namakhono okuhola, kodwa uba yinkinga lapho izikhulu ziklonyeliswa ngesikhathi inkampani ingasebenzi kahle noma imiholo yabasebenzi imi ndawonye. #UkhoziFMWNB

24:16

UKHOZI FM MOTORING - SBO MYENI - 15 SEPTEMBER 2026

11:10

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - 22 SEPTEMBER 2026 #UkhoziFMWNB

12:09

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - ISilo uShaka kaSenzangakhona yaguqula ubukhosi obabubuncane baba nguMbuso kaZulu onamandla. Kodwa umlando wakhe kufanele uhlukanise iqiniso nenganekwane, futhi uvume kokubili ukwakha kwakhe isizwe nodlame lwezimpi zakhe #UkhoziFMWNB

27:07

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Namhlanje sikhuluma no-Nksz Simthembile Sibisi waseMsinga, ongumama wengane eneminyaka eyisikhombisa (7) ubudala okusolwa ukuthi yanukubezwa ngokocansi yilungu lomndeni elingumkhulu womntwana. Ngokokulandisa kwengane, umsolwa ungumfowabo kamkhulu ozala unina…okusho ukuthi umkhulu omncane #UkhoziFMWNB

24:45

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - IKhomishana kaMadlanga isiqede unyaka ilalela ubufakazi ngezinsolo zokungenelela kobugebengu, ezepolitiki nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa. Ubufakazi bakamuva sebubheke emaphoyiseni kamasipala waseGoli, emajele nasekutheni izikhungo zingahlanzwa kanjani #UkhoziFMWNB

21:20

ISIHAMBELI (GUEST) - Namuhla sixoxa no-Sbo F, umculi waseMsinga onamakhono ahlukene okubalwa kuwo ukuba yi-DJ, producer, songwriter kanye nokuba ngum-rapper. Usilethela ingoma yakhe entsha ethi “Ukube Kuya Ngami,” asebenzisane kuyo ne-Inkos’Yamagcokama kanye no-X-Wise. #UkhoziFMWNB

12:13

IZIHAMBELI (GUESTS) - Namhlanje sixoxa ne-duo esafufusa yaseNdwedwe, KwaZulu-Natal, eyakhiwe amawele uLungani noLungelo Hlophe, abazibiza, ABAYENI! Umculo wabo uhlanganisa i-Afro Pop, amasiko ase-Afrika kanye nezigqi zesimanje. #UkhoziFMWNB

09:36
Close

Save video to ...