listen to Woza Nabangani Bakho

Woza Nabangani Bakho
Woza Nabangani Bakho

Woza Nabangani Bakho

Entertainment

Woza Nabangani Bakho (WNB) is an afternoon drive show that feels like your home away from home. It has all the makings of a good family – teaching, learning, talking, listening, tears, laughter and memories you’ll hold dear for a lifetime! WNB is driven by the much loved duo Khathide Tshatha Ngobe and Selby “Selbyonce” Mkhize bringing listeners nothing but the best in all the genres of music they love. Buckle up, it’s time to go on a drive you’ll never forget!

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Kulesi sikhathi lapho abaningi bebhekene nengcindezi yezimali, wonke umuntu ufisa ukuthenga imoto esezingeni eliphezulu ngentengo engambi eqolo. Likhona ithuba lokuzitholela imoto yamaphupho akho ngentengo ephansi. #UkhoziFMWNB

15:12

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ucwaningo lwe-UCT Liberty Institute of Strategic Marketing lulinganisela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika basebenzisa imali engaphezu kuka-R500 billion ngonyaka emishadweni, emingcwabeni, emicimbini yesintu namasiko nasemibuthanweni yezenkolo. #UkhoziFMWNB

12:54

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Isibopho sokondla izingane ezingezona ezakho ngokwegazi (Stepchildren and the Duty of Support). #UkhoziFMWNB

12:28

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla sibheka ukuthi imali yomculo iqhamuka kuphi, ihlukaniswa kanjani nokuthi abaculi bangawavikela kanjani amalungelo abo. #UkhoziFMWNB

11:17

ISIHAMBELI (GUEST) - Namhlanje sixoxa no Uncool MC sizwe kabanzi ngale EP entsha nangohambo lwakhe. #UkhoziFMWNB

10:41

IZIHAMBELI (GUESTS) - Iqembu lezinsizwa zase-Gqeberha e-Eastern Cape, elaziwa nge-Culture Motion, lisematheni ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwevidiyo  yalo licula iculo lesi-Xhosa elithi “Ingoma Ezimnandi”, ngesitayela somculo wesintu esaziwa ngokuthi u-Gwijo. Leli culo seliphinde lasabalala seliguqulwe laba ngumculo womdanso, okuhlanganisa nenguqulo esabalaliswa ngaphansi kwegama lika-Pro-Tee kanye ne- Culture Motion. #UkhoziFMWNB

12:47

UMUNTU UMUNTU NGABANTU_ Namhlanje ekesizwe kowawina imoto yokuqala bese simumema ukuthi azolanda imoto yakhe entsha-sha i-Ora 5 Ultra Luxury! #UkhoziFMWNB

15:44

NANSI IMEYILI ABAPHILE ABANTU_ Kule nyanga yokuqwashisa ngempilo yengqondo, sibheka izimpawu eziyisixwayiso esivame ukuzishaya indiva kubantu esiphila nabo. #UkhoziFMWNB

22:54

EZIKABHOQO_ noWELE ku #UkhoziFMWNB (08 OCT 2026)

05:52

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - THE INVISIBLE INFRASTRUCTURE ABOVE US: HOW SATELLITES RUN MODERN LIFE - Uma kukhulunywa ngomkhathi, abantu abaningi bacabanga ngeNASA kuphela. Kodwa iNingizimu Afrika ine-SANSA, izikhungo eHartebeesthoek naseHermanus, umsebenzi wokubuka uMhlaba, ukulandelela ama-satellite kanye nesikhungo sezulu sasemkhathini. #UkhoziFMWNB

23:10

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Follow-Up__Izolo sikhulume ngodaba lwesimo somndeni wakwa-Hlakwane, ohlala eMpola, eWard 15 ngaphansi kwaMasipala weTheku obhekene nobunzima bokunakekela ingane yomfana (14) ephila nokukhubazeka. Kube sekuthinteka u-Mr Sihle Mbili, oyinhloko yomnyango we-Human Settlement e- KZN… Namhlanje sithi akesizwe ukuthi yilophi usizo abafisa ukuxhasa ngalo umndeni wakwa-Hlakwane! #UkhoziFMWNB

10:08

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Latest Models Coming to Mzansi #UkhoziFMWNB

12:33

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ukuhlelwa kwamadolobha ngesikhathi sobandlululo kwabeka abantu abaningi abamnyama kude nemisebenzi, izinsiza namathuba. Nanamuhla sisathwele kanzima ngemali yokugibela, isikhathi, ukukhathala nokuphepha. Sizohlola ukuthi lo mlando ongemuhle wakhiwa kanjani, kungani ezinye izinhlelo zangemva kuka-1994 zehlulekile ukuqeda lesisihlava. #UkhoziFMWNB

21:41

NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Njengoba u-October kuyi-Social Development Month, namhlanje sibheka isimo somndeni wakwaHlakwane, ohlala eMpola, eWard 15 ngaphansi kwaMasipala weTheku obhekene nobunzima bokunakekela ingane yabo ephila nokukhubazeka osekuyiphazamise indlela yokuzihambela njengoba umntwana eseshishiliza phansi. #UkhoziFMWNB

25:47

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Namuhla sigubha uSuku Lothisha emhlabeni jikelele (World Teachers Days) ngokubheka ubuthisha njengomsebenzi oqeqeshelwayo, obhaliselwayo futhi olawulwa imigomo yokuziphatha. Sizohlola ukuthi othisha baqeqeshwa kanjani, kungani ukusweleka kwabo kungafani kuzo zonke izifundo nezindawo. Sizophinde sibheke ukuthi i-AI ingabasiza kuphi nokuthi ingabafaka kuphi engozini. #UkhoziFMWNB

24:18

INKUNZ`ISEMATHOLENI_ International Coffee Day - Namhlanje sixoxa no-Sikhanyiso Zondo wa- KwaMashu, oyi-barista, i-mixologist nosomabhizinisi osemusha, osebenzisa amakhono akhe ekwakheni ama-experiences okudla, ikhofi neziphuzo, ngenhloso yokukhombisa ukuthi ne-township hospitality ingaba sezingeni eliphezulu futhi idale amathuba entsheni. #UkhoziFMWNB

10:29

EZIKABHOQO_ noCHURCH BOY ku #UkhoziFMWNB (01 OCT 2026)

06:03

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - I-hyperinflation iwukunyuka kwamanani okusheshayo nokungalawuleki. Imali ilahlekelwa amandla okuthenga, amaholo nemali eyongiwe kuphelelwe inani (value), bese abantu beqala ukubalekela imali yezwe. Namuhla sizohlukanisa i-hyperinflation nokunyuka kwamanani okujwayelekile, sizochaza izimbangela futhi sibheke izibonelo zomhlaba. #UkhoziFMWNB

21:11

UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Ngabe udizili uphephile yini ukusetshenziswa eMzansi uma usuxutshwe nopharafini? Kuleli sonto sibhekisisa lolu daba, ukuthi lokhu kusho ukuthini kubashayeli nasezimotweni zabo. #UkhoziFMWNB

16:15

ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ukulahleka kokudla kwenzeka ngesikhathi kukhiqizwa, kugcinwa noma kuthuthwa, kanti ukumoshwa kuvame ukwenzeka ezitolo, ezindaweni zokudla nasemakhaya. Ngomhla zingama-29 kuSepthemba, umhlaba ugqugquzelwa ukuba unciphise lokhu ngoba ukudla okulahlekayo kusho nokumoshwa kwemali, amanzi, umhlaba, amandla nomsebenzi. #UkhoziFMWNB

20:36
Close

Save video to ...