listen to Ukhozi FM Current Affairs
ABASIKI BEBUNDA: KZN EDUCATION DEPARTMENT DENIES BEING PLACED UNDER ADMINISTRATION
Umnyango wezemfundo esifundazweni ikwaZulu-Natal, uyichithile imibiko ezungeza ezinkundleni zokuxhumana yokuthi usufakwe ngaphansi komlawuli. Lo mnyango uchaze le mibiko njengedukisayo futhi engelona iqiniso. Lokhu emva kwesitatimende somnyango womgcinimafa esifundazweni esiveze ukuthi umnyango wezemfundo uhlulekile ukulandela umthetho nokuphatha izimali ngendlela efanele. Ungqongqoshe Sipho Hlomuka uthi ikhabhinethi kuphela enegunya lokufaka lo mnyango ngaphansi komlawuli futhi lokhu kufanele kumenyezelwe esitatimendeni.
ABASIKI BEBUNDA: AMAZULU KING MISUZULU KAZWELITHINI MAKES MAJOR CHANGES TO ROYAL OFFICE
Isilo sezwe samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, umemezele ukuvalwa kwehhovisi elibhekelele iSilo kanye nokuhlakazwa kwehhovisi lobe bhekelele ukusebenza kwe Ndlunkulu umnuzane Malusi Zondi. Kuphinde kwavela nokuthi umqondisi omkhulu wehhovisi laso isilo uNododile Ndamase usekhululiwe emsebenzini wakhe. Lesi sinqumo simenyezelwe ngoLwesihlanu ntambama. Sixoxisane nokhulumela indlunkulu umntwana uThulani Zulu.
EZANAMUHLA: IEC CONCERNED ABOUT LACK OF PUBLIC TRUST IN ITS WORK.
Ikhomishane yokhetho i-IEC ithi ucwaningo olwenziwe ngo October luveza ukuthi abantu abaningi abaneme ngendlela esingatha ngayo ukhetho. Lekhomishane iphinde yakhala ngosopolitiki abasabalalisa ulwazi olungelona iqiniso emphakathini. Sixoxisane noyinhloko yezokhetho kwikhomishane yokhetho ezimele, i-IEC kwisifundazwe iKwaZulu-Natali, uNtombifuthi Masinga.
ABASIKI BEBUNDA: ONE FOREIGN NATIONAL ARRESTED DURING EVACUATION AT DURBAN'S CBD
Imeya yeTheku, umnumzane Cyril Xaba, uthi cishe bonke abakofika ababeqhinqe eDiakonia Centre maphakathi nedolobha eThekwini bathuthwe ngamabhasi bahanjiswa esikhungweni somnyango wezasekhaya ukuze kuqinisekiswe imniningano yabo. Lokhu njengoba sekuphele izinsuku behleli maphakathi nedolobha befuna indawo yokukhosela ngenxa yezinsongo nokuhlukumezeka abathi bakuthola ezindaweni abebehlala kuzona. UXaba uthi kuthuthwe abokufika abangaphezu kwamakhulu amathathu bayiswa e-Refugee Reception Centre kuMoore Road eThekwini. Kuboshwe owokufika oyedwa ngokuba kuleli ngokunge mthetho. Noma kunjalo, nakuba begcine bewagibele la mabhasi, abanye babo bebe manqika. Kanti amaphoyisa ebesiqaphile isimo ngesikhathi kuqhutshwa lolu hlelo.
ABASIKI BEBUNDA: FOREIGN NATIONALS REMOVED FROM DURBAN CBD FOR PROCESSING BY HOME AFFAIRS
Iqulu labokufika ebelilokhu liqhinqe eDiakonia Centre maphakathi nedolobha eThekwini lithuthwe ngamabhasi lahanjiswa esikhungweni somnyango wezasekhaya ukuze kuqinisekiswe imniningano yabo. Lokhu njengoba sekuphele izinsuku behleli maphakathi nedolobha befuna indawo yokukhosela ngenxa yezinsongo nokuhlukumezeka abathi bakuthola ezindaweni abebehlala kuzona. NgoLwesithathu kuBasiki Bebunda sibe nengxoxo noPrincy Mthombeni wenhlangano elwela izinguquko kumthethosisekelo, i-South Africans for Constitutional Reform, kanye nongoti wezamazwe angaphansi kwezwekazi iAfrika, uAdvocate Sipho Mantula. Inhloso bekuwukudingida izimo ezenzeka amazweni angaphansi kwezwekazi i-Afrika eziholela ekutheni kube nenani eliphezulu labokufika eNingizimu Afrika. Abakwa Statistics South Africa bathi kusukela ngo 2022 inani labokufika kuleli lifinyelele ku 2,4 million futhi likhula njalo ngonyaka. UMthombeni no Advocate Mantula bayavumelana ngokuthi ukuxega kwengalo yomthetho kuleli yiyona mbangela yesimo elengabadi elizithola libhekene nayo.
EZANAMUHLA: COGTA COMMITTEE WANTS TALKS BETWEEN CRL COMMISSION AND CHRISTIAN GROUPINGS TO CONTINUE.
Usihlalo wekomidi elibhelekele ezokubusa ngokubambisana nobuholi bendabuko, udokt uZwelini Mkhize uthi nakuba kukhona asebehambise enkantolo udaba lokungaboni ngaso linye phakathi kwekhomishane evikela inkolo, amasiko, nezilimi, i-CRL Commission kodwa lokhu akumele kuvimbe ukuthi kuxoxiswane. Lelikomidi lihlangane ne CRL Commission ukukhuluma ngezikhalo ezivezwe abenkolo yobuKhrestu mayelana nendlela lekhomishane esebenza ngayo, ikakhulukazi ohlelweni lokusungulwa kwekomidi elizobheka ukuthi balawulwa kanjani abezenkolo. Sixoxisane nodokt uZwelini Mkhize mayelana naloludaba.
ABASIKI BEBUNDA: FEARFUL FOREIGN NATIONALS VOW TO SPEND ANOTHER NIGHT OUTSIDE DURBAN CBD
Abantu bokufika bafunge bagomela ukuthi bazophinde bachithe obunye ubusuku belele maphakathi nedolobha eThekwini. Izolo balale ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa kuleli dolobha ngenxa yokusabela izimpilo zabo emiphakathini abahlala kuyona. Kulimale abokufika abathathu ngemuva kokuhlakazwa amaphoyisa ngezinhlamvu zenjoloba. Kanti amaphoyisa athi ayaphenya ngezi nsolo abezenzile zokuhlukumezeka. Usihlalo we African Diaspora Global Network, uVusumuzi Sibanda, ugxeke amaphoyisa ngokuxosha abokufika ngendluzule.
EZISEMATHENI: SENZO MEYIWA'S FAMILY REMAINS ADAMANT HE WAS NOT KILLED BY 'HITMEN' FACING TRIAL
Inhlangano iFriends of the Meyiwa Family inxusa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi angenelele ngokushesha ecaleni elimayelana nokubulawa kuka Senzo Meyiwa. Umndeni, abangani kanye nabalandeli, bamashele ezindlini zombuso ePitoli namuhla. UMeyiwa wadutshulwa eVosloorus ngoMfumfu wango 2014. Ohlelweni namuhla umfowabo ka Meyiwa, uSifiso Meyiwa uveze ukuthi usamile kwelokuthi uSenzo akabulawanga izinkabi.
EZANAMUHLA: ANC KZN SLAMS DELAY IN SINDISO MAGAQA MURDER TRIAL
I ANC esifundazweni i KwaZulu Natali isigxeke ukubambezeleka kokuqulwa kwecala lokubulawa kukaloyo owayengu Nobhala wophiko lwentsha lwe ANC esifundazweni u Sindiso Magaqa. Sixoxisane nokhulumela i ANC esifundazweni i KwaZulu-Natal u Sfiso Sonjica.
EZANAMUHLA: IFP JOBURG MAYORAL CANDIDATE PROMISES TO TURN THE CITY AROUND.
Lowo ogaqele isikhundla sokuba mayor kumkhandlu-dolobha iGoli ngaphansi kweqembu IFP UMlungisi Mabaso, usethembise ukubuyisela idolobha esimweni salo saphambili ngaphansi kukahulumeni we-IFP. UMabaso umemezele uhlelo lwakhe lokutakula lomkhandlu-dolobha olunezinhlelo eziyishumi ezizoguqula isimo nakwidolobhakazi iGoli eliyisizinda somnotho kuleli. Sixoxisane naye, uMlungisi Mabaso, okumanje uyilungu lesigungu esiphezulu somkhandlu-dolobha iGoli, elibhekelele ezokuhlaliswa kwabantu.
EZANAMUHLA: SAMA WARNS THAT STAFF SHORTAGES AND COLLAPSING INFRASTRUCTURE PUSHES SA HEALTHCARE SYSTEM INTO DEEPER CRISIS.
Inhlangano yodokotela kuleli i-South African Medical Association (SAMA) isixwayise ngokuthi ukushoda kwezisebenzi kanye nengqalasizinda ewohlokayo kucindezela uhlelo lwezempilo e Ningizimu Afrika ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Lenhlangano ibikhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini, lapho iveze khona ukuthi ukushoda kwemali kuyaqhubeka nokushiya izibhedlela nemitholampilo zingenabo odokotela nezisebenzi zempilo ezanele. Sixoxisane nosihlalo we-SAMA, udokt uMvuyisi Mzukwa mayelana naloludaba.
EZANAMUHLA:Judges Matter on Helen Suzman Foundation filed papers in the Western Cape High Court in a bid to have Malema removed feom the JSC.
Iqembu le EFF seligxeke isicelo esifakwe enkantolo inhlangano i Helen Suzman Foundation sokuba umholi wayo, uJulius Malema, asuswe ekubeni yingxenye yekhomishini i Judicial Service Commission. NgoLwesine, iHelen Suzman Foundation ifake amaphepha eNkantolo Ephakeme yase Western Cape ithi iPhalamende linesibopho soMthethosisekelo sokunquma ukuthi uMalema ukulungele yini ukuqhubeka nokusebenza kwi-JSC. Sixoxisame o Mbekezeli Benjamin uyi Research and Advocacy Officer kwi Judges Matter.
EZANGEMPELASONTO: PROF MAURICE RADEBE ON HIS BOOK THE FUEL TO LEAD
Usomabhizinisi nophinde abe inhloko yaseWits Business School uProf. Maurice Radebe ugqugquzela ubuholi obuqotho kwintsha njenganento athi iholela kwimpumelelo. Kulengxoxo ukhuluma ngencwadi ayibhalile ethi The Fuel To Lead kanti uphinde akhulume nangohlelo lokucijisa amakhono alusungulile.
EZANGEMPELASONTO: SA's UNEMPLOYMENT RATE WORSENS, YOUTH ORGANISATIONS WEIGH IN
Uhlaka olubhekelele ukuthuthukiswa kwentsha kuzwelonke iNational Youth Development Agency (NYDA) isiveze ukukhathazeka mayelana nezibalo zokuntuleka kwamathuba emsebenzi ezikhishwe isikhungo sezezibalo kwelakuleli iStatistics South Africa esigabeni sokuqala sonyaka u2026. Lezibalo ziveze ukuthi izinga lokuntuleka kwemisebenzi kwintsha yakuleli linyukele ku 45.8% nokuchaza ukuthi isibalo sentsha engaqashiwe sinyuke ngo 181 000. Intsha engaqashiwe njengamanje ibalelwa ku 4.7 million eNingizimu Afrika njengoba abalahlekelwe imisebenzi phakathi kwesigaba sokugcina sika 2025 kanye nesokuqala ku2026 bebe ngu 258 000. Ohlelweni namuhla sibe nenkulumongxoxo nowusishlalo we NYDA uDr Sunshine Myende, uDr Thobani Makhaza oqhamuka kwinhlangano ebhekelele izimfuno zentsha iMind Empowers Youth Organisation (MEYO) kanye nomengameli wenhlangano ebhekelele abafundi abasemanyuvesi iSouth African Union of Students (SAUS) uSiyabonga Nkambako, ukuzwa kabanzi ukuthi ikuphi okufanele kwenzeke ukuze kutakulwe intsha kulesimo.
EZANGEMPELASONTO: Osephile nesifo sikashukela iminyaka eyi-18 ugqugquzela intsha ukuthi ihlolele lesifo
Osephile nesifo sikashukela iminyaka eyi-18 ugqugquzela intsha ukuthi ihlolele lesifo.
EZANAMUHLA: SALGA urges public input on local government reform ahead of May deadline
Inhlangano emele omasipala i -South African Local Government Association (SALGA) isinxuse umphakathi ukuthi uphawule ngoMqulu obuyekeziwe mayelana nohulumeni bezindawo i White paper lungakashayi usuku lomnqamulajuqu umhlaka 28 May.Ngokwenhlangano, lokubuyekezwa kuhlose ukuthuthukisa ukuphathwa kwezindawo,ukuhanjiswa kwezidingongqangi emphakathini ,ukuphathwa komasipala ngendlela efanele, ukubamba iqhaza komphakathi, kanjalo nokuthi kube nozinzo kwezezimali. Sixoxisane no mengameli we SALGA u Mn Bheki Stofile
ABASIKI BEBUNDA: ATM & OTHER PARTIES ABANDON RAMAPHOSA'S Q & A IN PARLIAMENT
Iqoqo lamaqembu ezombusazwe asephalamende azibiza ngeProgressive Caucus akhethe ukuphuma ngesikhathi umengameli wezwe uCyril Ramaphosa ezoqala ukuphendula imibuzo ephalamende namhlanje ntambama. Umengameli ubephendula imibuzo yamalunga ephalamende esishayamthetho sikazwelonke. Amaqembu i-MKP, i-EFF, i-ATM kanye ne United Africans Transformation anqabile ukulalela umengameli. Athi wenze okuphambene nomthetho, futhi kufanele athathe isinqumo esiphusile esule esikhundleni sakhe. Lokhu kulandela isinqumo senkantolo yomthethosisekelo esithi iphalamende lenza okuphambene nomthethosisekelo ngesikhathi liphikisana nombiko wethimba elaliqokelwe ukubhekana nodaba lwesigameko esenzeka epulazini likamengameli iPhalaphala. UZama Ntshona okhulumela i-ATM uthi bafuna umengameli akhulume iqiniso ngodaba lwase Phala Phala.
ABASIKI BEBUNDA: RAMAPHOSA FIRES CONTROVERSIAL MINISTER SISISI TOLASHE
Lowo obengungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uSisisi Tolashe usexoshiwe. Umengameli Cyril Ramaphosa uqoke ungqongqoshe wehhovisi likangemali obhekelele obhekelele abesifazane, intsha nabakhubazekile, uSindisiwe Chikunga njengebamba kulomnyango. Umhlaziyi wezepolitiki uSandile Swana uthi umengameli kumthathe isikhathi eside ukufinyelela kulesi sinqumo ngenxa yomthelela ongase ube khona kuhulumeni wobumbano. UTolashe usolwa ngokugodla imniningwano ephalamende ngesikhathi ebuzwa ngezimoto azithola eChina okwakumele kube ngezophiko lwabesifazane be ANC. Ngaphambili, kuvele nezinsolo zokuqashwa kwabantu ngendlela engafanele kanye nokwelulwa kwenkontileka emnyangweni wakhe.
EZANAMUHLA: HOME AFFAIRS DEPUTY MINISTER WELCOMES CONCOURT JUDGEMENT AIMED AT CURBING ABUSE OF ASLYLUM SYSTEM.
Iphini likangqongqoshe wezasekhaya, uNjabulo Nzuza, usesamukele isinqumo senkantolo yomthethosisekelo esihlose ukunqanda ukusetshenziswa ngendlela engafanele kohlelo lokubhaciswa kuleli. Lokhu kulandela ukuthi izakhamuzi ezimbili zaseBurundi ezafulathela elaseBurundi phakathi kuka 2008 no 2012 bezilokhu zifaka izicelo zokubhaciswa kuleli ziphindilela, yize noma zase zichithiwe. Sixoxisane nephini likangqongqoshe wezasekhaya, uNjabulo Nzuza, mayelana nalokhu.
ABASIKI BEBUNDA: NEWLY ELECTED DA LEADER IN KZN VOWS TO CHANGE VOTER PERCEPTIONS
Lowo osanda kuqokwa njengomholi omusha we Democratic Alliance- kwisifundazwe ikwa Zulu-Natal - uSthembiso Ngema, usethembise izinguquko ezinqala kwindlela leliqembu elenza nelibukeka ngayo. Uthi lokhu bazokwenza ukuze banxenxe abavoti bamanye amaqembu asebephelelwe ithemba ngezepolitiki. UNgema ukholelwa ukuthi leliqembu lizokhula mawala esifundazweni njengoba ethi bazoqhuba umkhankaso oshisa phansi njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni bezindawo.
Save video to ...