listen to Ukhozi FM Current Affairs
EZANAMUHLA: UMKHANYAKUDE PARTIES ON THEIR ELECTION MANIFESTOS.
Amaqembu ahlukahlukene angaphansi komkhandlu wesifunda uMkhanyakude enyakatho yesifundazwe i-KwaZulu-Natal asethembise ukuxazulula inkinga yokwantuleka kwamanzi kulesifunda. Lamaqembu abekhuluma ngokuqukethwe kosomqulu bawo bokhetho ngaphambi kokhetho lomasipala oluzoba ngenyanga ezayo. Sixoxisane namaqembu i-ACDP, i-God's Justice Development Party kanye ne-People's Power Freedom Party.
EZANAMUHLA: ANCYL IN GAUTENG WANTS POLICE TO PROBE BRUTAL KILLING.
Uphiko lwentsha lwe ANC kwisifundazwe i-Gauteng, luthi kungenzeka ukuthi abanakho ukubekezelela abanye kwezepolitiki labo abasolwa ngokubulala amalungu amane aloluphiko eKatlehong, e-East Rand. Loluphiko lufuna ukuthi umthetho uthathe indawo baboshwe bonke abenzi bokubi kulandela lesehlakalo esenzeke ngoLwesibili ebusuku. Sixoxisane noKgotso Pooe okhulumela i-ANC Youth League kwisifundazwe i-Gauteng.
EZISEMATHENI: IEC speaks on special voting deadline
EZANAMUHLA: TRANSPORT DEPARTMENT ON STOPPING USAGE OF DRIVING LICENCES AS IDs.
Umnyango wezokuthutha kuzwelonke uthi khona maduze nje angeke zisasetshenziswa izincwadi zokushayela esikhundleni somazisi. Lomnyango ukhala ngokuthi lezincwadi zokushayela zibuye zisetshenziswe izakhamuzi zakuleli kanye nezangaphandle ukwenza umgunyathi. Sixoxisane nokhulumela umnyango wezokuthutha kuzwelonke, u-Collen Msibi, mayelana nalokhu.
EZANAMUHLA: KZN EDUCATION DEPARTMENT ON MATRIC EXAMS.
Umnyango wezemfundo esifundazweni i-KwaZulu-Natal uthi bangu 213 thousand abafundi abazobhala izifundo zikamatikuletsheni kulonyaka, okuyisibalo esikhulukazi kuleli. Lomnyango uthi usuwenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle uma sekubhalwa lezivivinyo. Abafundi bakamatikuletsheni bayaqala ukubhala namuhla kulo lonke leli. Sixoxisane noyinhloko yomnyango wezemfundo kwisifundazwe i-KwaZulu-Natal, uNkosinathi Ngcobo mayelana nalokhu.
ABASIKI BEBUNDA: EXPERTS WEIGH IN ON SIBIYA'S RESIGNATION DURING DISCIPLINARY PROCESS
Umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, i-SAPS, uthi ukwesula kuka Lieutenant General Shadrack Sibiya esikhundleni ikuthatha njengokuthi uxoshiwe ngempoqo ngenxa yokungaziphathi kahle. Ummeli kaSibiya ufake incwadi yakhe yokwesula esikhundleni ngemuva kokuqala kwezinhlelo zokuqondiswa kwakhe ubugwegwe. Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala kanye nowezokuphepha, uAndy Mashaile, baxoxisane ne ntatheli yezindaba ze SABC uTusokwakhe Mhlaba.
ABASIKI BEBUNDA: IMC ON IMMIGRATION ON THEIR NEXT MOVE AFTER VIOLENT PROTESTS OVER ASYLUM SEEKER APPLICATIONS
Ungqongqoshe womnyango wezobulungiswa, uMmamoloko Kubayi, uthi abokufika eNingizimu Afrika abanezicelo zokubhaca ezachithwa, abavumelike ukufaka kabusha izicelo ukuze baqhubeke nokuvikelwa. Uthi yilabo ababhekene nobungozi obuqinisekisiwe kuphela okufanele bathole ukwelulekwa ngokwezomthetho ngaphambi kokuba bakhishwe kuleli. Ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthetho-sisekelo, ihhovisi lomnyango wezasekhaya, livule kabusha uhlelo lokuhanjiswa kwezicelo zalabo abadinga ukubhaca kuleli ngesonto eledlule. Lokhu kuholele emibhikishweni enodlame, ngemuva kokuthi izinkumbi zabokufika zithutheleke emahhovisi omnyango wezasekhaya ukuyofaka lezi celo.
UKHOZI CA: ELECTIONS DEBATE IN LADYSMITH TOWNHALL AT UTHUKELA DISTRICT.
Amaqembu ahlukahlukene asethembise ukuxazulula inkinga yokwantuleka kwamanzi kwisifunda sasoThukela, enkabeni yeKwaZulu-Natali. Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano ebisingathelwe ehholo ledolobha laseMnambithi ngoLwesihlanu. Phakathi kwamaqembu abambe iqhaza kulenkulumo-mpikiswano kubalwa, i-ANC, APEMO, DA, EFF, IFP, MK Party, ne NFP. Ukuzwa kabanzi ngalenkulumo-mpikiswano ungalalela nansi i-podcast.
EZANAMUHLA: COSATU CONGRESS EXPECTED TO RESUME TODAY.
Umfelandawonye wezinyunyana i-COSATU ithi izoqhubeka noma ikanjani ingqungquthela yayo kulandela ukufadalala kwayo ngenyanga edlule. Lengqungquthela ezoqala namuhla ngoMsombuluko bese iphothulwe ngoMsombuluko, kulindeleke ukuthi ikhethe ubuholi obusha. Ukuhoxiswa kwalengqungquthela ngenyanga edlule kudalwe ukungeneli kwezibalo kanye nokuthi obani okwakumele bayihambele. Sixoxisane nokhulumela i-COSATU, uZanele Sabela mayelana naloludaba.
EZANGEMPELASONTO: USALE USHAQEKILE UMPHAKATHI EMVA KOKUTHI IPHOYISA LIDUBULE LABULALA ABESIFAZANE ABATHATHU EMTUBA LASE LIZIDUBULA NALO
Amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudubula esenzeke endaweni yokucima ukoma KwaMsane eMtuba okushone kuso abantu abane. Iphoyisa elingu Constable ebelingekho emsebenzini, kunezinsolo ezithi lidubule abantu besifazane abathathu bafa kwathi omunye wesilisa walimala endaweni edayisa utshwala eNkodibe ngaphambi kokuba lizidubule nalo. Kuthokale izibhamu ezimbili kanti imbangela yalesigameko ayikaziwa okwamanje. IMeya yase Mtubatuba uMxolisi Mthethwa usezwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwama tavern kulomaspala.
EZANGEMPELASONTO: KZN PREMIER WEIGHS IN ON IMMIGRATION CRISIS UNREST IN DURBAN
Sekuboshwe abantu abangamashumi amathathu, abangamashumi amabili nanhlanu baboshwe esifundazweni iKwaZulu Natal kanti laba abanye abahlanu baboshwe esifundazweni i-Gauteng. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi ukhathazeke kakhulu ngokucekelwa phansi kwempahla kwakamuva kulandela lembhikisho yokuzwakalisa ukungahambisani nokuhlala kwabantu bokufika kuleli ngokungekho emthethweni.
EZANGEMPELASONTO: UKHALA EZIMATHONSI USOMABHIZINISI WESIFAZANE OSHISELWE IZITOLO ETHEKWINI
Kuqubuke udungunyane enkabani yedolobha iTheku kanye nase Soweto eGoli phambilini kulelisonto, emva kwembhikisho yokuzwakalisa ukungahambisani nokuhlala kwabantu bokufika kuleli ngokungekho emthethweni. Lembhikisho ithinte kakhulu abanikazi bamabhizinisi, okuholele ekuvalweni kwamabhizinisi, ekushisweni kwawo, kanye nasekuphangweni kwawo. U-Zanele Mkhize, onamabhizinisi eBerea eThekwini, uchaza kabanzi ngokumehlele.
EZANAMUHLA: POLITICAL PARTIES IN UTHUKELA DISTRICT ON THEIR MANIFESTOS.
Amaqembu ahlukahlukene asanda kusungulwa azongenela ukhetho ngaphansi komkhandlu wesifunda sasoThukela enkabeni yesifundazwe i-KwaZulu-Natal, asethembise ukuxazulula izinkinga zokwantuleka kwamanzi kulesifunda. Lamaqembu enze lezethembiso ngaphambi kokhetho lohulumeni bezindawo oluzoba ngasekuqaleni kwenyanga ezokwethwasa, u-November. Sixoxisane namaqembu, i-African Renaissance Unity, Abantu Bezwelethu Congress Democracy kanye ne-National Peoples' Ambassadors. Ukuzwa kabanzi ngalokhu nansi i-podcast...
EZANAMUHLA: BOSA WANTS SEX OFFENDERS' REGISTER MADE PUBLIC MUCH SOONER.
Iqembu i-Build One South Africa (BOSA) ithi ukubambezeleka ekuvulweni kohlu lwalabo abalahlwe amacala okuhlukumeza ngokocansi kungenzeka ukuthi kudalwa ukubakhona kwabaholi abaphezulu kulona. Lenhlangano ithi akwamukelekile ukuthi sekuthathe izinyanga cishe eziyishumi nantathu kusalungiselelwa ukuthi kuvulwe loluhlu. Sixoxisane noyiphini lomholi we-Build One South Africa (BOSA) uNobuntu Hlazo-Webster, mayelana nalokhu.
EZANAMUHLA: KZN TRANSPORT DEPARTMENT ON ACCIDENT THAT KILLED TEN PEOPLE IN HAMMARSDALE.
Umnyango wezokuthutha esifundazweni iKwaZulu-Natali uthi abantu abahlanu abasinde engozini yemoto ebulale abantu abayishumi e-Hammarsdale entshonalanga yeTheku bayelulama esibhedlela. Lomnyango uthi uzokubeka ezandleni zamaphoyisa ukuthi aphenye mayelana nembangela yalengozi ebandakanya itekisi eyenzeke izolo ebusuku. Sixoxisane nokhulumela umnyango wezokuthutha esifundazweni iKwaZulu-Natali, uNdabezinhla Sibiya.
EZANAMUHLA: JUDGES MATTER ON CONCERNS ABOUT JSC INTERVIEW PROCESSES.
Inhlangano i-Judges Matter isizwakalise ukukhathazeka ngezinqubo zenhlolokhono yamajaji eyenziwa isikhungo i-Judicial Service Commission. Lenhlangano iphinde ikhalaze ngokuthi izikhala zamajaji kumele engabe kade zavalwa kanye nokuthi imibuzo ephonswa kwinhlolokhono ayigculisi. Sixoxisane nobhekelele ucwaningo kwinhlangano i-Judges Matter, uMbekezeli Benjamin.
ABASIKI BEBUNDA: SOUTH AFRICANS INVITED TO COMMENT ON EMPLOYMENT SERVICES AMENDMENT BILL
Ikomidi lomnyango wezabasebenzi nokuqasha, lithi lisavulekile ithuba lokwamukela imibono yamalunga omphakathi mayelana nomthetho sivivinywa ohlongozwayo. Lo mthetho sivivinyo umayelana nokuqashwa kwabantu abavela emazweni angaphandle futhi ukwamukelwa kwemibono kuzogcina ngo mhlaka 6 November. Leli komidi linxusa izakhamizi, izinhlangano zomphakathi, kanye nosomabhizinisi ukuba benze izethulo ngaphambi kokuba kuqale ngokusemthethweni ukudingida ngalokhu ephalamende. Sixoxisane nosihlalo waleli komidi. umnuzane Boyce Maneli.
EZANAMUHLA: CIVIL SOCIETY GROUP PMBEJD ON FUEL PRICE HIKE.
Inhlangano yomphakathi, i-Pietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (PMBEJD) isinxuse uhulumeni ukuthi angenelele uma kuklanywa amanani okudla. Lokhu kuza ngaphambi kokwenyuka kwamanani kaphethiloli phakathi kwamabili nokulindeleke ukuthi anyuke phakathi kuka-R3.12 no-R3.33 ilitha ngalinye. Sixoxisane noSibusiso Mbotho oyi-Advocacy Coordinator kwi-Pietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group.
ABASIKI BEBUNDA: SACR PRAISES CONCOURT DECISION ON ASYLUM SEEKERS
I- South Africans for Constitutional Reform (SACR) income isinqumo senkantolo yomthetho sisekelo sakamuva esithi umnyango wezasekhaya wephula umthetho ngokubuyisela abokufika abase Ningizimu Afrika ngokungemthetho emazweni abo. I-SACR ithi lokhu kuzonikeza uhulumeni ithuba lokuhlunga phakathi kwezigebengu ezibalekela ingalo yomthetho emazweni abo, abokufika abakuleli ngenxa yokuzofuna amathuba okuziphilisa, kanye nalabo abazisulu zempi emazweni abo. Sixoxisane nokhulumela le nhlangano, uPrincy Mthombeni. Inhlangano eyaziwa nge Scalabrini Centre of Cape Town kanye nabammeli abalwela amalungelo abantu, baphonsela inselelo ukuchibiyelwa komthetho ophathelene nokufuduka, iRefugees Act. Lesi sinyathelo savumela umnyango wezasekhaya ukuthi ukwazi ukunqaba izicelo zabokufika abakuleli ngokunge mthetho. Ngemuva kwesinqumo sakamuva senkantolo yomthetho sisekelo, bonke abokufika, ngisho nalabo abakuleli ngokungemthetho, bavumelekile ukuthi bafake izicelo zokubhaca kuleli. Umyalelo ovela ehhovisi lomnyango wezasekhaya unxuse onke amahhovisi omnyango asiza abokufika kuleli, ukuba amukele zonke izicelo ezintsha zabokufika.
EZANAMUHLA: MPUMALANGA POLICE ON ILLEGAL MINING GANGS IN THE PROVINCE.
Amaphoyisa asesifundazweni iMpumalanga athi uyaqhubeka nokuthela izithelo ezinhle umkhankaso wawo i-Operation Vala Umgodi. NgoMgqibelo abophe abantu abayisishiyagalolunye abadabuka ezweni lase-Mozambique ngezinsolo zokuvukuza ngokungemthetho eMashobota eduze kwase Ngodwana eMpumalanga. Sixoxisane nokhulumela amaphoyisa esifundazweni iMpumalanga u-Brigadier Donald Mdhluli.
Save video to ...