Asikhulume

Ezempilo eKZN

Season 1
20 January 2026

Minyaka yonke, isifundazwe iGauteng sibhekana nezinselele ngohlelo lokufaka izicelo zokufunda zabafundi ngeInterntent. Umthelela ongemuhle waloluhlelo wukuthi abafundi bahlala emakhaya ngenkathi ontanga beqhubeka nezifundo zabo. Yini okudingeka yenziwe ukuze kubhekwane nalengqinamba?

Cybercrime

Ubugebengu buyaye bande ngamaholidi kakhisimusi. . From banking fraud and phishing scams to ransomware attacks and identity theft, cybercriminals are becoming more sophisticated, targeting both individuals and major institutions. INingizimu Afrika manje isiphakathi kwamazwe athinteke kakhulu ezwenikazi, futhi umthelela ubonakala emakhaya ethu, emabhizinisini ethu, ngisho nasezinhlelweni zikahulumeni.Ohlelweni I Asikhulume sikuqwashisa ngobugebengu obungenza ugcine ulahlekelwa izimali ebhange nezinto okufanele uziqaphele ezinkundleni zokuxhumana ezingenza ube isisulu sobugebengu. 

Indima yezitokofela emnothweni

Sesifikile isikhathi sokuhlukanisa izimali ebezibekwa unyaka wonke amalungu ezitokofela imboni yezigidigidi zamarandi. Izitokofela eziningi zinezinkinga eziningi,sibala ukuqolana kwamalunga, ukuba yizisulu zezigebengu, ukungabi nolwazi ngezezimali, namathuba angenza ukuthi bagcine benza umcebo wezizukulwane nezizukulwane. Kanti futhi lemboni inkulu indima engayidlala emnothweni nasekudaleni umcebo wezizukulwane. Kodwa akubonakali loku ikwenza.

Izinselelo ezibhekene nabahlali basemapulazini

Abahlali basemapulazini basaqhubeka nokubhekana nezinselelo zokungavikeleki, ukuxoshwa ngokungekho emthethweni, ukungakwazi ukuthola izidingongqangi kanye nokwephulwa kwamalungelo abasebenzi okuqhubekayo. Iningi labahlali basemapulazini basaqhubeka nokuxoshwa yilabo abathi bangabanikazi bawo, nakuba sebehlale kulo mhlaba izizukulwane ngezizukulwane.

Umthelela wokusingatha i-G20 eNingizimu Afrika

Ezempilo eKZN

Ku Asikhulume sibheka izinkinga ezikhungethe izibhedlela nomnyango wezempilo esifundazweni I KwaZulu-Natal. Ukushoda kodokotela, abahlengikazi, imithi, ama ambulense nokunye. Sikhulumisene ne Department of Health HOD Mrs Penny Msimango, Zanele Gumede DENOSA, PSA provincial manager Mlungisi Ndlovu and Dr Nobuhle Makhanya from Unemployed Doctors Task Team.

Izinkinga zohlelo lokudla ezikoleni zaseKZN

Ohlelweni sivakashele umnyango wesemfundo kwaZulu Natali siyobheka izinkinga zohlelo lokudla ezikoleni. Ukungakhokhelwa kwezinkampani ezihlinzeka ukudla umnyango wezemfundo kulesisifunda, nokwenza abafundi abathembele kulokukudla ngoba bebuya emakhaya antulayo bangakutholi. Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba kuSocial Media.

Ukugqokwa kwesiphandla

Uthini umthethosisekelo wakuleli mayelana nokuvikela inkululeko yenkolo, yenkolelo, kanye nemibono, sibala mbukeli ukugqoka isiphandla emsebenzini, esikoleni kanye nakwezemidlalo. Wenzenjani uma utshelwa ukuthi nqamula isiphandla usikhiphe.

Yini engenziwa ukuqeda inkohlakalo kuleli?

Sibuka umthelela wenkohlakalo ekulethweni kwezidingongqangi , amalungelo ezakhamizi zakuleli, nakwezomnotho . Lokhu kulandela imimibiko yokukhwabanisa okubalelwa ku-R2 billion wamarandi esibhedlela saseTembisa nokuqinisekiswe uphiko oluphenya amacala ayisipesheli i ISIU. Akupheleli lapho , kuneIzinsolo zenkohlakalo ezinhlelweni zamathenda ezinhlelo zokudla ezikoleni esifundazweni i KZN ,kanye nezinsolo zenkohlakalo kwi Giyani water project e Limpopo. Umbuzo wethu ngokubona kwakho yini engenziwa ukuqeda inkohlakalo kuleli?

The state of South African roads

iNgqungquthela ye-G20

Amakhomishini ophenyo eNingizimu Afrika

Izinkinga zamanzi ezifundazweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika

Imibhikisho ethinta izinkinga zamanzi ezifundazweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika isaqhubeka nokugcwala kwabezindaba. Sibala mbukeli i Westbury kanye ne Ebony Park eGoli esifundazweni sase Gauteng, eNaas engaphansi kwe Nkomazi local Municipality e Mpumalanga , ise Chatsworth ngaphansi kwe Thekwini Municipality . Ukuthola amanzi kuyilungelo elingokomthethosisekelo futhi eliyisisekelo esithunzini somuntu kodwa eminyakeni engaphezu kwamashumi amathathu ngemuva kokufika kwentando yeningi, iNingizimu Afrika uma ubheka lemibhikisho isho ukuthi isehluleka ukuletha amanzi aphephile . Kungabe inkinga ikuphi, ikomaspala, amabhodi amanzi, umnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle? Inkinga yengqalasizinda yamanzi ebinganakekelwa iminyaka eminingi? Inkohlakalo? Sikulungisa kanjani loku mbukeli? Deputy Minister Water and Sanitation David Mahobo ukhuluma nathi . Ukuthola ezinye izindaba, vakashela i-sabcnews.com kanye ne #SABCNews #SABCIzindaba kuSocial Media.

Ingozi yokuphuza utshwala ukhulelwe

Abesifazane abaphuza bekhulelwe , isihloko sethu mbukeli namuhla ,njengoba umhlaba ugubha i-World Fetal Alcohol Syndrome Day .Lolusuku lwenzelwe ukuqwashisa ngenkinga edalwa ukuphuza ukhulelwe enganeni, uma sekufanele iye esikoleni namukhakha wezempilo .Silwisana kanjani nalenkinga mbukeli esemadolobheni nasemaphandleni akuleli? Sizozwa kabanzi komama abebephuza bekhulelwe kanye nezihambeli zethu.

Osomabhizinisi besifazane kwezokungcwaba

Imboni yemingcwabo yaseNingizimu Afrika neyenza izigidigidi zamarandi minyaka yonke mbukeli ngokomlando ibiholwa abesilisa. Bakhona ke abesifazane asebengene kulemboni futhi basebenza ngokuzikhandla kulamabhizinisi. Njengoba iningizimu afrika ibhekene nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi, yini engenziwa ukuvulela abesifazane abancane nabadala kulemboni? Yimaphi amathuba akhona kulo mkhakha ikakhulukazi kwabesifazane abasebancane. Eminye yemibuzo mbukeli esizobe siyidingida nodokotela Nomfundo Mcoyi-Zondo, ongumsunguli we-Icebolethu Group elihamba phambili kulomkhakha noqokwe njengomengameli wokuqala wesifazane weSouth African Funeral Practitioners Association (SAFPA), abuye futhi abe ngowokuqala ovela esifundazweni i KZN emlandweni weminyaka engu-26 walesoseshini

Unlawful House Repossessions by banks

One of the most injustices affecting thousands of South African families — the unlawful repossession of homes by major banks. Imagine waking up to find your house auctioned without your knowledge, and a stranger telling you to vacate — a painful reality for far too many citizens.

Save video to ...