Watch Asikhulume

[PROMO] Asikhulume | Culture of non payments

Ahead of the government elections, on Asikhulume, we are looking at the culture of non-payment. Some residents across the country are demanding a flat rate of R150 for electricity, while municipalities say they owe Eskom and City Power large amounts of money. What needs to be done?

Ukubulawa kosopolitiki

Sekubikwe amacala angu -16 okubulala okusolwa ukuthi kuhlobene nezepolitiki kusukela ekuqaleni konyaka, njengoba sibheke okhethweni. Ithimba elikhethekile eliphenya amacala okubulawa kwabantu ngenxa yezepolitiki (PKTT) belilokhu liqhubeka nokubopha abasolwa abathinteka kulezi zigameko. Njengoba kaningi sivamise ukubona kuboshwa labo abasuke bethunywe ukuyobulala noma izinkabi kakhulu, kunalabo abasuke bethume izinkabi , loku akwenzi ukuthi lesisihlava sibhebhetheke? Sikhuluma no ngoti wezobugebengu uNirmala Gopal kanye no ngoti wezepolitiki Dr. Sakhile Hadebe.

Omasipala

Every election cycle, promises are made, but do you actually know what your municipality and councillors are legally required to deliver to you?

Beyond the Ballot: What your municipality actually owes you?

Coalition government and your vote

Njengoba sisondela okhethweni lohulumeni basekhaya lwangomhlaka-4 kuNovemba 2026 sibheka ohulumeni bobumbano osekuyinsakavukela eNingizimu Afrika. Lokhu kuye kwaholela ekushintsheni kokungazinzi kwezepolitiki, kanye nokwehla kokulethwa kwezinsiza nokunye. Sibuza ukuthi , abavoti balibamba kanjani iqembu abalivotele ukuba liziphendulele uma lilahla izithembiso zalo zomkhankaso zokuqinisekisa isivumelwano? Abavoti benzenjani lapho iqembu abalivotele lakha ubumbano nalelo abebengalivotelanga noma abahambisani nalo? Ingabe abavoti bangashintsha ukuziphatha kwabo uma amaqembu ephoqelekile ngokomthetho ukumemezela abalingani bawo abawathandayo obumbano ngaphambi kokhetho? Sikhuluma ngaloku nokunye no no Mbali Ntuli ongumsunguli wenhlangano i- Groundworks Collective kanye noSolwazi u Zwelinzima Ndevu, uchwepheshe wokubusa kwendawo.

Designing Cities That Work for the Youth

This week on Asikhulume /lets talk, we unpack how zoning laws, housing projects, and public transport infrastructure can unlock youth employment and business opportunities. Ngemuva kwamashumi amathathu eminyaka kusukela ngo-1994, umoya wobandlululo ngokwezindawo usabusa emadolobheni ethu. Millions of young South Africans remain stranded on the economic periphery, spending up to half their potential income just on minibus fares to look for work. Sibuza ukuthi njengoba intsha intula imisebenzi kangaka enye yayo yaze yabona kuncono ukuthi isungule amabhizinisi sibuza lentsha ukuthi ingabe inelisekile ngosizo eluthola komasipala sibala izimvume zokuqhuba amabhizinisi, ukwesekwa ngamanzi, ugesi, izinsiza zokuthuthwa kwendle kanye nokususwa kukadoti nokudingekayo ukuze kuqhutshekwe ibhizinisi kanye nezindawo ezibekelwe ukuhweba, izikhungo zokweseka nokukhulisa amabhizinisi endawo nokunye? #SpatialPlanning #YouthUnemployment

Sikufundisa ngohlelo lokuvota okhethweni luka-4 November 2026

Do voters fully understand the South African voting process, and how their participation can shape local government, influence the decisions that affect their daily lives, and ultimately influence service delivery in their communities?

Shortages of contraceptives in South African public clinics

Kuleliviki kuAsikhulume/Let'sTalk: Njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga yokukhulelwa kwentsha okuphezulu kanye nokwanda kokuthembela kuhulumeni, uMnyango Wezempilo ungakuthethelela kanjani ukuvumela imitholampilo yomphakathi iphelelwe yizindlela zokuvimbela inzalo?

Save video to ...