Ukhozi FM TV
Ayanda Ntanzi

UNeliswa Cele othole ithuba lokuba nengxoxo no Ayanda Ntanzi. Kule ngxoxo bakhuluma ngezomthetho, ukuba umuntu osindisiwe kanye nangomculo. Uthi uAyanda umndeni wakhe, ungumndeni wamaciko futhi ilapho uthando lwakhe lomculo luqhamuka khona. Baze baneqembu okuthiwa i-Sweet Melodies' okuyiqembu lomndeni. Okuyi nalapho afunde khona okuningi. Usixoxela nangendodana yakhe, akholelwa ukuthi imenza umuntu ongcono. Uthi kwesinye isikhathi, ukuze akwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe kumele angawathathi amanye amaGig. UAyanda ucela abantu ukuba babenozwelo kwabanye abantu ikakhulukazi kosaziwayo, baqonde ukuthi njengoba bengosaziwayo lokho akusho ukuthi ubuhlungu ababuzweli. "Lokhu okuzwayo, nami ngiyakuzwa"kuchaza uAyanda. Thola okuningi ngo-Ayanda Ntanzi, ngokubukela le-video. #UkhoziFM #UkhoziFMTV #AyandaNtanzi

Uhambo noNonkulunkulu: Pastor Sthembiso Zondo

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noPastor Sthembiso Zondo ngohambo lwakhe. Ukhozi FM TV belumenyiwe ohlelweni #Eshilo oludlala njalo ngeSonto kusukela ngo 09h00 - 12h00 olushayelwa uZanele Mbokazi ngaphansi kwengosi ethi #UhambonoNkulunkulu. Kulengxoxo uZanele uxoxa nobeke waduma ngelika Pastor Sthembiso Zondo, osicacisele kulesiqephu ukuthi kahle hle akasiye umfundisi. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #UkhoziFMTV #ZaneleMbokazi #PsSthembisoZondo #Eshilo

Khosi Twala

Khosi Reign, King Khosi

Station Of The Year 2023 - Ukhozi FM

Umphathisteshi womsakazo Ukhozi FM uSbongi Ngcobo ubethula ngokusemthethweni izindondo ohlelweni i-#VABS umsakazo ozihlomulile emcimbini wama-Telkom Radio Awards 2023 Ukhozi FM luhlabane ngezindondo ezinhlanu; - Ubusuku Obuhle: Content Producer [PBS] - Sihle Mvundla - Afternoon Drive Presenter [PBS] - Selbeyonce 'Selby' Mkhize - Bright Star Award - Neliswa Cele - Most Voted Station [My Station] - Ukhozi FM - Station of the year 2023 - Ukhozi FM Sibonga kuwe mlaleli ngokwenza lokhu kube yimpumelelo, izandla zidlula ikhanda

Kevin Hart

Ukhozi FM TV noSiya Mhlongo kanye noNeliswa Cele bathole ithuba lokuba nengxoxo no Mpho Kevin Hart ongumlingisi ongusomahlaya waseMelika futhi osemnkantshubomvu kwezokulingisa. Kulengxoxo bakhuluma ngeMovie yakhe i-Die Hart, okuyifilimu yamahlaya. I-Die Hart ifilimu inochungechunge lweziqephu eziyishumi kanti ikulethela amahlaya amnandi. I-Die Hart ifilimu ebiyiziqephu eziyishumi kodwa manje osekwifilimu eyisiqephu esisodwa. UMpho Kevin Hart usithi fahla kancane ngokuqukethwe ifilimu i-Die Hart kanye nabantu akasebenzisana nabo. Ubonga uthando aluthole eSouth Africa kanye nothando alutholayo ngefilimu yakhe i-Die Hart. Uyasikhuthaza ngokuthi, akubalulekile ukuthi uqala kanjani kodwa kubalulekile ukuthi uphetha kanjani. #UkhoziFM #UkhoziFMTV #DieHartSA

Dudu 'Lady D' Khoza

Ukhozi FM TV beluvakashele iSphithiphithi soKhozi FM uLady D kanye nomyeni wakhe ubaba uKhoza. Kulesiqephu basilandisa ngempumelelo yomshado wabo weminyaka engaphezulu kuka 40, kanye nokuthi bahlangana kanjani, ukuthandana kwabo beze begcina sebeshada. Thokozela lesi siqephu, ungakhohlwa ukuLike, Subscribe ukuze ungaphuthelwa iziqephu ezilandelayo. #UkhoziFMTV #LadyD #Jabulujule #DuduKhoza

Sithelo Shozi

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo kanye no Neliswa Cele, bathole ithuba lokuba nengxoxo nosaziwayo uDJ Sithelo Shozi. Sikhule njengendlu emnyama sazi ukuthi uma ufisa ukwazi noma ukwazana nomuntu kancono, uyamumema nihlale phansi nixoxe. Lokhu sekufana nephupho esikhathini samanje ngoba abantu sebakholwa lokhu abakubona kubhalwe ezinkundleni zokuxhumana, isikhathi esiningi okungasilo iqiniso. Ingakho namhlanje uSiya no Neliswa bememe usaziwayo odume ngelika DJ Sithelo Shozi, ukuze bezomazi kancono. USithelo usichazela ngesigaba sempilo yakhe asekuso lapho asezithola ukuthi ungubani ngaphandle kokuba uDJ, umama kanye nosaziwayo. Usazisa ngomculo wakhe kanye nothando analo ngawo nokuthi ujabule kakhulu ngoba isimo sesinconywana, usekwazi nokuya eStudio asebenze. Kubalandeli bakhe, uthi bengalindela noma yini. Sithinta udaba lokuba ngumama njengoba enesifiso sokushiya ifa ezinganeni zakhe, njengoba avula i-Baby M. Uphinde ashuthe nezithombe uma kuneholidi noma kuwusuku olubalulekile ukuze lokho kuyoba yifa lezingane zakhe njengoba no mawakhe ayekwenza. #UkhoziFMTV #UkhoziFM #SitheloShozi

Sjava

USiya Mhlongo uthole ithuba lokuhlala no Jabulani Hadebe owaziwa ngelika Sjava, kule ngxoxo uSjava uyasilandisa ngothando lakhe lomculo. USjava usilandisa ngomthelela wezikhukhula zakamumva eKZN ukuthi zaba namthelela muni kuye. Thokozela ulozolo lomculo olulethelwa ile nsizwa, uphinde uthole kabanzi ngohlobo lomculo ewuculayo nokuthi waqhamuka kanjani #UkhoziFMTV #Sjava #UkhoziFM

Silo Samabandla

Ukhozi FM TV lukwethulela ingxoxo ekhethekile phakathi kweSilo Samabandla kanye nondlunkulu, ingxongxo uyethulelwa uLady D. UNgangezwe lakhe usixoxela ngokuzalelwa obukhosini nendlela abazali bakhe abamukhulise ngayo. Sithole ithuba lokwazi kabanzi ngomama wesizwe ngenhlangano engenzi nzuzo i-KaMskolo Foundation eqhakambisa ukuthi ‘ligotshwa lusemanzi’ esiza futhi esebenzisana kakhulu nabafana abasebancane. Bayede Silo Samabandla! wena wendlovu, wena wendlovu Bayede!!! #UkhoziFMTV #UkhoziFM #SiloSamabandla

Dr VVO Mkhize

Sithole ithuba lokukhuluma no DR VVO Mkhize ojwayele ukukhuluma kwi #IngonoYomsamu kuhlelo #Jabulujule olushayelwa uLady D. UDr VVO Mkhize usichazela kancono ngoMsamo nokuThwasa. Isingeniso: Namhlanje siphila esikhathini lapho sekulahleke konke, nakuba saphucwa nathi saphinde sazikhumula sazishiya sinqunu, ngokwezindlela eziningi. Ukufa kwemindeni, izinkolo ezehlukahlukene, nezinkolelo – mfundiso ezaqhamuka ngapha nangapha. Lokhu kwenze ukuthi silahle Iziko Lomsamo, okuyindlela nempande esikhuliswe ngayo: ukhula kini yini lena ebekuthiwa iyisihluthulelo sempumelelo yalemndeni. Uma kwakucetshiwe kusengwa, kusiphuka iphunga lenyama eyosiweyo enye igxajisiwe, kwaphelelaphi. Asizibuzi lokho, kunalokho sesihambe sincela ezindengezini ezehlukene esesesizizwa ngendaba. Umsamo-ke lowo, ubuwena, umlando nomlandu nasebahamba. Umsamo: Uwena nenkaba ekuxhumanise nabakini, nezinye izidalwa zikaNkulunkulu. Isihonqo somthetho ka Jesu othi “wothanda umakhelwane njengelokhu uzithanda” sihonqe umthetho wesihlanu kaNkulunkulu: “yazisa uyihlo nonyoko khona izinsuku zakho ziyokwanda emhlabeni” Abantu basemandulo babazi kahle kamhlophe umuntu ungumuntu ngabantu, kungakho kwakukhona ukunanelana nokusiselana kungafanele kubekhona umuntu obukelwa ebhuqwabhuqwa indlala. Kwakunamalimo wonke umuntu ukuze ebusika akwazi ukudla okungenani imifino namabhece nesikhwebu sombila. Ubuntu bobuntu ngomuntu- UMSAMO kungukuxhumana namathongo, noMvelinqangi imbala. Ukwenza lokhu kube lula kwakwakhiwa indlu okwabe kuthiwa ngeyabadala, lapho kwakuhlala khona zonke izinto ezazingamele umuzi: imikhonto, izikhumba, izimbiza, amacansi, kunendawo emuva nalendlu okwakuthiwa umsamo, kushiwo lapho kuxhunyanwa khona nabangasekho (Physical Manifestation). Ilento-ke okuthiwa Umsamo, esididayo okufanele siyichaze kabanzi kubalaleli, ngoba sebedidwe zinyanga nabelaphi bebatshela ngokungekhona okuzama ukungenisa imali ngendlela okungeyona. Ukuthwasa Lalithi ithongo uma lifuna ukubuyisa elalinakho emndenini okwabe kuyisikhwama sengcebo, lalithumela omunye wabo bese ezodumba omunye wenu kinina eniphilayo, bese engena kuyena bese simbiza ngeDlozi. Kulapho wayeboniswa zonke izinto nezindlela okufanele aqhube ngazo ukuze lowo obuyile asebenze. Babemthuma kumuntu, kokunye bamthathe bayomfaka esizibeni aphume esephethe konke kokusebenza. Nakhona kusebenza lokho wayeyalelwa yibona abamphethe abadala. Lokhu-ke kuxhumene kakhulu noMsamo, ngoba inhloso enkulu kusuke kungukubuyisa izinto zethongo elahamba abanguMsamo. Kuyinkinga-ke ukuthwasa ngoba namhlanje sekuthathwa inanoma ngubani. Namhlanje wonke umuntu useyathwasa, nalokho kuthwasa kuthwaselwa into eyodwa: iba isangoma kumbe ungakuguqula ukwenze umthandazo kumbe ukuvale. Kunesidingo esikhulu sokukhuluma ngalokhu njengalokhu sekuhlukumeze abantu abaningi nezingane ezikoleni. Ekugcineni kufanele abalaleli bazi yini UMSAMO, nokuthi kufanele uthwase uma kwenzenjani, izimpawu zakho zithini, ubona kanjani ukuthi ubizo lolu lweThongo neDlozi. Yini okufanele bayigweme bayigade kuzona zonke lezi zinto esezalahlekelwa isintu nobuntu bazo. #UkhoziFmTV #UkhoziFM #IngonoYomsamu

Save video to ...