Ukhozi FM TV
Inkonzo Yesikhumbuzo - Zanele Mbokazi Nkambule

NgoLwesine Ukhozi FM belunenkonzo yesikhumbuzo kaZanele Mbokazi-Nkambule, obengumsakazi wohlelo #Eshilo, osesishiyile emhlabeni. Abasakazi, abangane kanye namaciko athole nethuba lokubhonga emswaneni Uma waphuthelwa inkonzo yesikhumbuzo kaMaZet Zet, thamela lesiqephu. Sithi lala uphumule MaMbokazi-Nkambule, uyohlezi usezinhlizweni zethu Link: https://www.youtube.com/watch?v=N-saL_qvNkg #RIPZaneleMbokazi #UkhoziFM

Ukhozi FM TV: Dr Sipho Sithole [American Students Exchange Program]

Ukhozi FM TV lwamenywa inkakha endimeni yezemfundo nomculo namasiko alapha eNingizimu Afrika uDr Sipho Sithole ukuthi sihambe naye nabafundi bakhe basemelika abafunda isiZulu, abafundiswa nguye njengoba enguthishela wezinye zezikhungo zemfundo ephakeme eMelika i-Howard University. Labafundi uze nabo lapha eNingizimu Afrika ngenhloso yokuzofunda kabanzi ngesizwe, ngolimi nangamasiko abantu bakwa Zulu, lapha KwaZulu Natal. Kushuthi konke lokhu abakufunda emaClassin ngomlando wo Shaka Zulu nabanye bazozibonela ngamehlo ukuthi kwenzekaphi futhi kwabangelwa yini. Sihambe nabo safunda nathi sasesiqopha khana nawe uzofunda usekhaya. #UkhoziFMTV #DrSiphoSithole #AmericanStudentsExchangeProgram #HowardUni #HavardUni #JacksonvilleUni #InandaSeminary #MahatmaGandi #Ekuphakameni

Ukhozi FM TV: Sihleli Ekhoneni EP:2 [Youth Month Dialogues]

UNhlangulana yinyanga ebungazwa njenge nyanga yabantu abasha eNingizimu Africa (Youth Month). Kuyoke lenyanga sizobanezingxoxo ezifana nalena; abantu abasha “behleli ekhoneni”. Sikhuluma ngezingqinamba esibhekene nazo zesimo semfundo nokuthi lokhu kunamthelela muni ekutheni intsha eningi ayisebenzi. Ngabe iziphi izindlela okungenziwa ngazo ukuze amakhono adingakalayo atholakale kufundwe izinto eziyisa izwe phambili amathuba emsebenzi avuleke. Thamela lengxoxo uzwe kabanzi ngemicabango yentsha ngezwe lethu. #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM64

Ukhozi FM TV: Sihleli Ekhoneni EP:1 [Youth Month Dialogues]

UNhlangulana yinyanga ebungazwa njenge nyanga yabantu abasha eNingizimu Africa (Youth Month). Kuyoke lenyanga sizobanezingxoxo ezifana nalena; abantu abasha “behleli ekhoneni”. Kulengxoxo badingida udaba okuphathelene nemiphumela yokhetho nokuthi leMphumela isho ukuthini kithi nasezimpilweni zethu. Thamela lengxoxo uzwe kabanzi ngemicabango yentsha ngezwe lethu. #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM64

Ukhozi FM TV lwavakashela uDr Sindiwe Magona

Ukhozi FM TV lwavakashela uDr Sindiwe Magona ingqalabutho yesishoshovu senkululeko ngokubhaliwe phansi. Uhumushela abezindaba abahlukahlukene, okuhlanganisa namafilimu, futhi waba nesandla ekukhiqizweni kwefilimu enesihloko esithi, Gugulethu, esiziqhenya ngayo eminyakeni engama-60 edlule. I-documentary, efakwe ohlwini lwabazokhethwa ku-Focal International Award e-London ngowezi-2019, ibheka umzabalazo kanye nokunqoba kwabantu eGugulethu phakathi kuka-1958-2018. #UkhoziFM #UkhoziFMTV #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM64

Ukhozi FM umsakazo wakho owuthandayo ubungaza iminyaka engamashumi ayisithupha nane (64).

Ukhozi FM umsakazo wakho owuthandayo ubungaza iminyaka engamashumi ayisithupha nane (64). Sibonga asiphezi kuwe mlaleli ngokugcina iSteshi sakho sihamba phambili njalo. Ukhozi FM Luhamba Phambili! #UkhoziFM64 #UkhoziFM #30YearsOfDemocracy

Sibungaza i-Afrika Day!

Ukhozi FM TV lwalumenyiwe ukuyothamela umbungazo we-Afrika Day obugujwa ezindlini zomsakazo Ukhozi FM. Kwakukuhle kudelile, abanye becula, abanye beswenkile, abanye bemodela kanti kunokudla okwahlukahlukene kwesintu. Ngomhlaka zingama-25 kuNhlaba 1963, inhlangano yokuqala yase-Afrika ngemva kwenkululeko, iNhlangano Yobunye base-Afrika (Organisation of African Union -OAU) yasungulwa e-Addis Ababa, e-Ethiopia. Le nhlangano yasungulwa ngamazwe angamashumi amathathu nambili, amanye amazwe angama-21 ajoyine kancane kancane eminyakeni edlule, kanti iNingizimu Afrika yaba yilungu lama-53 mhla zingama-23 kuNhlaba we-1994. #AfrikaDay #UkhoziFM #30YearsOfDemocracy #AfricaDay

Ubuhle nobubi bezinkundla zokuxhumana

Ukhozi FM TV luphinde lwamema uSphumelele Zondi ongungoti wezobuchwepheshe. Kulesiqephu ubesilandisa kabanzi ngobuhle nobubi bezinkundla zokuxhumana nokuthi zaziqale kanjani ziqalelwani. Thokozela lenkulumo efundisayo ngezinkundla zokuxhumana. #UkhoziFMTV #SocialMedia #IzinkundlaZokuxhumana #UkhoziFM

Captains of Industry: Mnu Peter-Paul Ngwenya

Namhlanje besimeme uMnu uPeter-Paul Ngwenya oyi-Executive Chairman ye Makana Investment Corporation ohlelweni Ubusuku Obuhle ngaphansi kwengosi Captains Of Industry. UMnu Peter-Paul Ngwenya ungusomabhizinisi, ungomunye owake waboshelwa eRobben Island ngesikhathi sobandlululo ngaphambi kokuthi kubuse intando yeningi. Kulesiqephu sikhuluma ngokukhula kwakhe, ekhula ngesikhathi esasinzima eNingizimu Afrika, sikhulume ngeziqu azithola nemnyango eyavuleka ngenxa yazo. Siphinde sibheke amabhizinisi abe yingxenye yayo kulemnyaka edlule nasafisa ukukufeza kwezamabhizinisi. Thokozela lesiqephu, ungakhohlwa ukucindezela uLike noSubscribe ukuze ungaphuthelwa iziqephu ezilandelayo #UbusukuObuhle #UkhoziFM #UkhoziFMTV #30YearsOfDemocracy

Ukhozi FM TV: Mnu Fanie Jason

UMnu Fanie Jason ungumthwebuli wezithombe owaziwayo osehambe umhlaba wonke. Wathwebula izindaba nezigameko eziningi komongameli abaningi abavelele emhlabeni wonke, kuhlanganise nezimpi. Nguyena owathwebula isithombe sikaTata uMandela ngesikhathi ekhululwa ejele. UMnu. Fanie Jason usathweluba nezithombe zase Ndlunkulu yase Ngilandi, nezithombe lezi ezazitholakala kakhulu phakathi nendawo kuma Magazines ezazithandwa kakhulu. Thamela lesiqephu ulalele lengqalabutho isilandisa ngezimo eke yazibona empilweni yakhe esebenza lomsebenzi ngesikhathi sobandlululo. #UkhoziFMTV #FanieJason #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM #MuziMthabela

Sixoxa noDkt Futhi Mkhize ongumsunguli we-Dr Phyto Medicinal Plants

UNeliswa Cele ubenengxoxo ekhethekile noDokotela Futhi Mkhize, ongumsunguli we Dr Phyto Medicinal Plants njengoba wafunda i-Phytomedicine. I-Phytomedicine igxile ekusebenziseni izitshalo ekwakheni amakhambi alekelela umzimba ekulweni nezifo. Bukela nasi isqephu sohlelo Ukhozi FM TV ufunde kabanzi ngalomkhakha wokulapha. #UKhoziFMTV #DrPhyto #DrFuthiMkhize #UkhoziFM

Sikhuluma nge-baby mama/daddy drama

Ezaselawini noDkt Nomcebo Mthembu - Namhlanje uDokotela ukhuluma nge-baby mama/daddy drama #UkhoziFMTV #UkhoziFM #UbusukuObuhle #30YearsOfDemocracy

Open letter: Abefundisi nemali

[Ukhozi FM TV] Open letter: Abefundisi nemali Link: • Open letter: Abefundisi nemali Thokozela lesi siqephu, ungakhohlwa ukuciphiza uLike noSubscribe ukuze ungaphuthelwa iziqephu ezilandelayo #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #OpenLetter #LungisaniSimelane #UkhoziFM

Ayanda Ntanzi

UNeliswa Cele othole ithuba lokuba nengxoxo no Ayanda Ntanzi. Kule ngxoxo bakhuluma ngezomthetho, ukuba umuntu osindisiwe kanye nangomculo. Uthi uAyanda umndeni wakhe, ungumndeni wamaciko futhi ilapho uthando lwakhe lomculo luqhamuka khona. Baze baneqembu okuthiwa i-Sweet Melodies' okuyiqembu lomndeni. Okuyi nalapho afunde khona okuningi. Usixoxela nangendodana yakhe, akholelwa ukuthi imenza umuntu ongcono. Uthi kwesinye isikhathi, ukuze akwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe kumele angawathathi amanye amaGig. UAyanda ucela abantu ukuba babenozwelo kwabanye abantu ikakhulukazi kosaziwayo, baqonde ukuthi njengoba bengosaziwayo lokho akusho ukuthi ubuhlungu ababuzweli. "Lokhu okuzwayo, nami ngiyakuzwa"kuchaza uAyanda. Thola okuningi ngo-Ayanda Ntanzi, ngokubukela le-video. #UkhoziFM #UkhoziFMTV #AyandaNtanzi

Uhambo noNonkulunkulu: Pastor Sthembiso Zondo

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noPastor Sthembiso Zondo ngohambo lwakhe. Ukhozi FM TV belumenyiwe ohlelweni #Eshilo oludlala njalo ngeSonto kusukela ngo 09h00 - 12h00 olushayelwa uZanele Mbokazi ngaphansi kwengosi ethi #UhambonoNkulunkulu. Kulengxoxo uZanele uxoxa nobeke waduma ngelika Pastor Sthembiso Zondo, osicacisele kulesiqephu ukuthi kahle hle akasiye umfundisi. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #UkhoziFMTV #ZaneleMbokazi #PsSthembisoZondo #Eshilo

Khosi Twala

Khosi Reign, King Khosi

Save video to ...