Watch Ukhozi FM TV - EZEMIDLALO RESEND

Ukhozi FM TV

EZEMIDLALO RESEND

Ukhozi FM TV Season 5 (2026)
🚨 Dundee July 2026 🚨
🚨 Dundee July 2026 🚨

Ukhozi FM beluphakathi emcimbini wamahhashi nobukhazikhazi nezemfashini umcimbi we Dundee July. Thamela nasi isiqephu so-Khozi FM TV ubone konke obekwenzeka kwi-#DundeeJuly2026. #UkhoziFMTV #DundeeJuly #UkhoziFM #DSAC

🚨 Dundee July Experience 2026 🚨
🚨 Dundee July Experience 2026 🚨

I-Dundee July Experience ingomunye wemicimbi emikhulu yezokungcebeleka, ezomculo nezokuxhumana eNyakatho yeKwaZulu-Natal. Imicimbi efana ne-Dundee July Experience iletha izivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene, okukhuphula amathuba ebhizinisi kubadayisi bendawo, izindawo zokulala, izindawo zokudlela, abathengisi basemgwaqweni, osomabhizinisi abasafufusa kanye nabahlinzeki bezinsiza. Lo mcimbi awugcini ngokuletha ezokuzijabulisa kuphela, kodwa futhi uba yithuba lokwakha ubudlelwano, ukukhulisa amabhizinisi nokugqugquzela intuthuko. Thokozela lesi siqephu, ubone konke obekwenzeka kweyalonyaka i-Dundee July Experience. Izinga beliphezulu kakhulu! #UkhoziFMTV #UkhoziFM #DundeeJulyExperience #AmatholeFunerals

EZEMIDLALO RESEND
EZEMIDLALO RESEND

Ingxoxo eshisa izikhotha! 🔥⚽ Sihleli nabezemidlalo emsakazweni Ukhozi FM uSimtho Dladla kanye Mkhaba Madonsela bevakashelwe uMageba Baxoxa ngokudlala kweBafana Bafana KwiFIFA World Cup, kanye nombuzo omkhulu othi: Ubani ofanelwe ukuba ngumqeqeshi olandelayo ngemuva kukaHugo Broos? Sitshele umbono wakho! #UkhoziFM #UkhoziTV #BafanaBafana #Fifaworldcup26 #Ezemidlalo #Luhambaphambili

🚨Smirnoff Makoya Imbizo🚨
🚨Smirnoff Makoya Imbizo🚨

Abakwa Smirnoff babambisene nomsakazo Ukhozi FM bakwethulela umcimbi i-Smirnoff 1818 Makoya Imbizo. Le ndumezulu yomcimbi yayihlanganisa 🎤 uMaskandi 🥁 iGqom 🎧 House Music 🕺 namaPiano. #WeDoWe #Nakanjani #UkhoziFM

USjava ugubha iminyaka engu-10 emculweni 🎶🔥
USjava ugubha iminyaka engu-10 emculweni 🎶🔥

Ukhozi FM TV lwaluyingxenye yomcimbi i-#TheSjava10YearCelebration owawuseDurban ICC, eThekwini. Siphinde sakhuluma nabalaleli bomsakazo Ukhozi FM ukuthi: “Ngabe bayayibona inkululeko kuleli?” Bukela lesiqephu ukuze uthole ithuba lokwazi kabanzi ngabashayeli bohlelo #WozaNabanganiBakho, uKhathide “Tshatha” Ngobe noSthandwa Nzuza 🎙️ Phawula, sifuna ukuzwa umbono wakho! Ukhozi FM Luhamba Phambili! 🔥 #UkhoziFM #UkhoziFMTV #WNB #Sjava

Save video to ...