Ukhozi FM Music Indaba 2025

Ukhozi FM Music Indaba ingqungquthela yawo wonke umuntu, kusuka kumaciko asekhona endimineni yezomculo nabasafisa ukungena. Le ngqungquthela kulonyaka ibibanjelwe eDurban ICC. Bekunezikhulumi ezihlabahlosile lapho okubalwa laba; Mondli Ngcobo, Ihhashi Elimhlophe, Professor, Phila [PB Icon], Andile Magwaza [Thawini Creatives Publishing], Nontokozo Madondo [Downtown Music Publishing] kanye no-Athandiwe Ntshinga [Spotify]. UKHOZI FM lubeka umculo wakithi phambili! Ukhozi FM Music Indaba ka 2025 uyethulelwa abakwa SPOTIFY… Music For Everyone. #UkhoziFMMusicIndaba #UkhoziFM

Ukhozi FM - Indishi

Uhlelo #SigiyaNgengoma lukwethulela #Indishi lapho luzolekelela intombi engenawo amandla anele ukwenza umcimbi womemulo. Lo mcimbi ubungomhlaka 11 kuMfumfu 2025 ezindlini zomsakazo eSABC M1 Studios, nokuyilapho okwamenyezelwa izintombi ezimbili ezizoshayelwa Indishi, okwaba uSinethemba Gcwensa kanye noKhanyisile Zungu. Bekukuhle kudelile ezindlini zomsakazo ngoMgqibelo njengoba kade kunomcimbi we-#Indishi. Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo, ezobuCiko namaSiko Kwa-Zulu Natali uMnu Mtomuhle Khawula, nokuyilapho anikela ngo-R20 000 entombini ngayinye. Zigqaje ngobuntombi bakho! #SigiyaNgengoma #Indishi #UkhoziFM

#OnTheCouch noNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uMphathiswa uMbali Shinga

Sixoxa noNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uMphathiswa uMbali Shinga ngesabelomali somnyango. UNgqongqoshe kulesiqephu usihlinzeka ngemininingwane yayo yonke imali eyabelwe uMnyango wakhe, achaze ngokuthi lesabelo mali sizoyithuthukisa kanjani inhlalonhle yabantu baKwaZulu-Natal. #UkhoziFM #DSD

Dundee July Experience 2025

Selufikile usuku olukhulu lwe-#DundeeJulyExperience25

Dundee July 2025

I-Dundee July niyethulelwa uMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal, oMasipala baseNdumeni naseMzinyathi, iTraditional Horse Racing and Breeding Association nabaxhasi #20YearsOfDundeeJuly #UkhoziFM #DundeeJuly #DundeeJuly2025 #AfricanJewel #socialcohesion #activeandwinningKZN #UkhoziFM65

Ukhozi FM TV: Africa's Travel Indaba 2025 - Day 3

Ukhozi FM TV: Africa's Travel Indaba 2025 - Day 3

Ukhozi FM TV: Africa's Travel Indaba 2025 - Day 2

Ukhozi FM TV beluhambele ingqungquthela yaminyaka yonke i-Africa Travel Indaba ebiyenzeka izinsuku ezintathu eICC eThekwini, kusukela ngomhlaka 15-17 May 2025. Ukhozi FM TV likulethela ukusuka nokuhlala kwalomcimbi obunezihambeli ebeziqhamuka kuwowonke amazwe ase-Afrika. #UkhoziFMTV #AfricaTravelIndaba #TravelTourism #UkhoziFM

On The Couch noNgqongqoshe uMntomuhle Khawula - KZN Department of Sport, Arts and Culture

UMnyango weZemidlalo, UbuCiko namaSiko KwaZulu-Natali oholwa uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula uwunyusela kwelinye igiya umkhankaso wokuvundulula, ukuthuthukisa kanye nokuqhubezela phambili amakhono. Lomlayezo siwethulelwa uMnyango weZemidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natali. #KZNDepartmentOfSportArtsAndCulture #UkhoziFM #AfrikaYami

Save video to ...