Watch Ukhozi FM TV
Ugu Broadcasting Services ngokubambisana nomsakazo Ukhozi FM bakwethulela indumezulu yomcimbi kaMaskandi UGU MASKANDI FESTIVAL! Le ndumezulu yayingomhlaka 26 September 2026, eMargate (Ugu Sports & leisure Centre). Uma waphuthelwa, khululeka Ukhozi FM TV lwalukhona, okwakho ukuthi uthokozele nasi isiqephu salomcimbi! Nawe South-Coast awumncinyane! #UguMaskandiFestival #UkhoziFMTV
Ubani ozonqoba kwi-MTN 8 Final? Ngabe i-Orlando Pirates izophinde yenze njalo? Bathini bona abalandeli bebhola? U-Simtho Dladla noMkhaba Madonsela baphethe inkulumo esishayo behamba nomhlaziyi weBhola uZakhele Xaba. Uthini wena? Ubani ozonqoba? #ukhozifm #ukhozifmtv #ezemidlalo #Pirates #sundowns #mosesmabhida #mtn8 #soccer
Sivame ukubona imikhumbi echwebeni kodwa wake wazibuza ukuthi kwenzekani ngempela ngaphakathi? π’β Ithimba lohlelo Ukhozi FM Breakfast livakashele i-Transnet National Ports Authority ukuze lithole ithuba lokubona umsebenzi, abantu kanye nezinhlelo ezenza ichweba lisebenze. #UkhoziFMTV #UkhoziBreakfast #Transnet #Echwebeni
Phinda uphile ubusuku obuyingqayizivele be-R&B neSoul njengoba uTamia ubeseThekwini ngomhlaka 7 kuNcwaba 2026. UTamia, isihlabani esidumile se-R&B emhlabeni jikelele, ubengundabamlonyeni walobu busuku, kanti uZonke noSjava balethe ubumnandi obumangalisayo njengabaculi abavule inkundla kulomcimbi Thokozela nasi isiqephu esikhethekile sokhozi FM TV, noNeliswa Mhlongo. #TamiaLiveInSouthAfrica #Tamia #UkhoziFMTV #UkhoziFM
Save video to ...