Ukhozi FM TV
Ukhozi FM TV beluvakashele eNelson Mandela Museum

Uma ungowase Ningizimu Afrika, uyawazi umlando awuphelele uma singakhulumanga ngegama lika Tata uNelson Rolihlahla Mandela. Kulesiqeshana, Ukhozi FM TV beluvakashele ekhaya lakhe lakudala eseliphendulwe isigcina magugu (Museum) lapho wonke umuntu avumelekile ukuthi ayekhona, ayobona futhi efunde kabanzi ngempilo kaTata esahlala enombolo 8115 Vilakazi Street eSoweto, okuyilapho ahlanganisela khona onke amacebo akhe nobuhlakani bokukhulula iNingizimu Afrika ngaphansi kwesandla sahulumeni wobandlululo. Kulesiqephu uMuzi uxoxisana noNozipho Ndlovu osebenza khona lapha eNelson Mandela National Museum, obesilandisa kabanzi ngomlando ka Tata uNelson Mandela. Link: https://youtu.be/r3fx232wca4?si=hoY-h0XZ29Ra90VU #UkhoziFMTV #NelsonMandela #NelsonMandelaMuseum #NoziphoNdlovu #isikoLamiIsikoLakho #UkhoziFM #30YearsofDemocracy

Israel Matseke Zulu

Ukhozi FM TV lube nengxoxo ekhethekile nomlingisi wodumo u-Israel Matseke Zulu. U-Israel usilandisa kabanzi ngempilo nokukhula kwakhe emndenini owawungathathi entweni, kodwa ngoba wayephokophelele phambili,ezimisele ngempumelelo lokho akumuvimbanga ekufezeni amaphupho akhe. Kanti nokubasejele akuzange kumunqobe amandla kanye nephupho lakhe. Link: https://www.youtube.com/watch?v=jMMiMqfzmbQ #UkhoziFMTV #IsraelMatsekeZulu #YizoYizo #Gazilam #INambaNamba #UkhoziFM

Amandla Omnotho x Vuka Uqonde Kabanzi Ngezezimali

Ukhozi FM TV lube nenkulumo ehlabahlosile nezihambeli ezisebenza ngezezimali. Lezihambeli mlaleli woKhozi FM uzozazi ohlelweni i-Vuka Afrika Breakfast Show lapho ongazithola khona lezinsizwa zixoxa ngezezimali. Izihambeli zethu uMnu Sfiso Nala ongumeluleki wezezimali (Financial Coach) kanye noGugulethu Xaba ongumhlaziyi wezomnotho. Kulengxoxo bakhuluma ngokwakha imali komuntu ngokusimamisa amabhizinisi, kanye nokwakhiwa kwemali yizwe iNingizimu Afrika. Thokozela lenkulumo ufunde kabanzi ngezezimali, nokuthi ziphathwa kanjani Link: https://www.youtube.com/watch?v=5O0mNlCQ5Js #UkhoziFMTV #AmandlaOmnotho #UkhoziFM #VABS

Uhambo noNkulunkulu: Maria Khambule

[Ukhozi FM TV] Uhambo noNkulunkulu: Maria Khambule Link: https://www.youtube.com/watch?v=hvVsfwsGUmE #UkhoziFMTV #imbokodoInamandla #UhambonoNkulunkulu #ThembekaZondoCele #MariaKhambule #UkhoziFM

Inkonzo Yesikhumbuzo - Zanele Mbokazi Nkambule

NgoLwesine Ukhozi FM belunenkonzo yesikhumbuzo kaZanele Mbokazi-Nkambule, obengumsakazi wohlelo #Eshilo, osesishiyile emhlabeni. Abasakazi, abangane kanye namaciko athole nethuba lokubhonga emswaneni Uma waphuthelwa inkonzo yesikhumbuzo kaMaZet Zet, thamela lesiqephu. Sithi lala uphumule MaMbokazi-Nkambule, uyohlezi usezinhlizweni zethu Link: https://www.youtube.com/watch?v=N-saL_qvNkg #RIPZaneleMbokazi #UkhoziFM

Ukhozi FM TV: Dr Sipho Sithole [American Students Exchange Program]

Ukhozi FM TV lwamenywa inkakha endimeni yezemfundo nomculo namasiko alapha eNingizimu Afrika uDr Sipho Sithole ukuthi sihambe naye nabafundi bakhe basemelika abafunda isiZulu, abafundiswa nguye njengoba enguthishela wezinye zezikhungo zemfundo ephakeme eMelika i-Howard University. Labafundi uze nabo lapha eNingizimu Afrika ngenhloso yokuzofunda kabanzi ngesizwe, ngolimi nangamasiko abantu bakwa Zulu, lapha KwaZulu Natal. Kushuthi konke lokhu abakufunda emaClassin ngomlando wo Shaka Zulu nabanye bazozibonela ngamehlo ukuthi kwenzekaphi futhi kwabangelwa yini. Sihambe nabo safunda nathi sasesiqopha khana nawe uzofunda usekhaya. #UkhoziFMTV #DrSiphoSithole #AmericanStudentsExchangeProgram #HowardUni #HavardUni #JacksonvilleUni #InandaSeminary #MahatmaGandi #Ekuphakameni

Ukhozi FM TV: Sihleli Ekhoneni EP:2 [Youth Month Dialogues]

UNhlangulana yinyanga ebungazwa njenge nyanga yabantu abasha eNingizimu Africa (Youth Month). Kuyoke lenyanga sizobanezingxoxo ezifana nalena; abantu abasha “behleli ekhoneni”. Sikhuluma ngezingqinamba esibhekene nazo zesimo semfundo nokuthi lokhu kunamthelela muni ekutheni intsha eningi ayisebenzi. Ngabe iziphi izindlela okungenziwa ngazo ukuze amakhono adingakalayo atholakale kufundwe izinto eziyisa izwe phambili amathuba emsebenzi avuleke. Thamela lengxoxo uzwe kabanzi ngemicabango yentsha ngezwe lethu. #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM64

Ukhozi FM TV: Sihleli Ekhoneni EP:1 [Youth Month Dialogues]

UNhlangulana yinyanga ebungazwa njenge nyanga yabantu abasha eNingizimu Africa (Youth Month). Kuyoke lenyanga sizobanezingxoxo ezifana nalena; abantu abasha “behleli ekhoneni”. Kulengxoxo badingida udaba okuphathelene nemiphumela yokhetho nokuthi leMphumela isho ukuthini kithi nasezimpilweni zethu. Thamela lengxoxo uzwe kabanzi ngemicabango yentsha ngezwe lethu. #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM64

Ukhozi FM TV lwavakashela uDr Sindiwe Magona

Ukhozi FM TV lwavakashela uDr Sindiwe Magona ingqalabutho yesishoshovu senkululeko ngokubhaliwe phansi. Uhumushela abezindaba abahlukahlukene, okuhlanganisa namafilimu, futhi waba nesandla ekukhiqizweni kwefilimu enesihloko esithi, Gugulethu, esiziqhenya ngayo eminyakeni engama-60 edlule. I-documentary, efakwe ohlwini lwabazokhethwa ku-Focal International Award e-London ngowezi-2019, ibheka umzabalazo kanye nokunqoba kwabantu eGugulethu phakathi kuka-1958-2018. #UkhoziFM #UkhoziFMTV #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM64

Ukhozi FM umsakazo wakho owuthandayo ubungaza iminyaka engamashumi ayisithupha nane (64).

Ukhozi FM umsakazo wakho owuthandayo ubungaza iminyaka engamashumi ayisithupha nane (64). Sibonga asiphezi kuwe mlaleli ngokugcina iSteshi sakho sihamba phambili njalo. Ukhozi FM Luhamba Phambili! #UkhoziFM64 #UkhoziFM #30YearsOfDemocracy

Sibungaza i-Afrika Day!

Ukhozi FM TV lwalumenyiwe ukuyothamela umbungazo we-Afrika Day obugujwa ezindlini zomsakazo Ukhozi FM. Kwakukuhle kudelile, abanye becula, abanye beswenkile, abanye bemodela kanti kunokudla okwahlukahlukene kwesintu. Ngomhlaka zingama-25 kuNhlaba 1963, inhlangano yokuqala yase-Afrika ngemva kwenkululeko, iNhlangano Yobunye base-Afrika (Organisation of African Union -OAU) yasungulwa e-Addis Ababa, e-Ethiopia. Le nhlangano yasungulwa ngamazwe angamashumi amathathu nambili, amanye amazwe angama-21 ajoyine kancane kancane eminyakeni edlule, kanti iNingizimu Afrika yaba yilungu lama-53 mhla zingama-23 kuNhlaba we-1994. #AfrikaDay #UkhoziFM #30YearsOfDemocracy #AfricaDay

Ubuhle nobubi bezinkundla zokuxhumana

Ukhozi FM TV luphinde lwamema uSphumelele Zondi ongungoti wezobuchwepheshe. Kulesiqephu ubesilandisa kabanzi ngobuhle nobubi bezinkundla zokuxhumana nokuthi zaziqale kanjani ziqalelwani. Thokozela lenkulumo efundisayo ngezinkundla zokuxhumana. #UkhoziFMTV #SocialMedia #IzinkundlaZokuxhumana #UkhoziFM

Captains of Industry: Mnu Peter-Paul Ngwenya

Namhlanje besimeme uMnu uPeter-Paul Ngwenya oyi-Executive Chairman ye Makana Investment Corporation ohlelweni Ubusuku Obuhle ngaphansi kwengosi Captains Of Industry. UMnu Peter-Paul Ngwenya ungusomabhizinisi, ungomunye owake waboshelwa eRobben Island ngesikhathi sobandlululo ngaphambi kokuthi kubuse intando yeningi. Kulesiqephu sikhuluma ngokukhula kwakhe, ekhula ngesikhathi esasinzima eNingizimu Afrika, sikhulume ngeziqu azithola nemnyango eyavuleka ngenxa yazo. Siphinde sibheke amabhizinisi abe yingxenye yayo kulemnyaka edlule nasafisa ukukufeza kwezamabhizinisi. Thokozela lesiqephu, ungakhohlwa ukucindezela uLike noSubscribe ukuze ungaphuthelwa iziqephu ezilandelayo #UbusukuObuhle #UkhoziFM #UkhoziFMTV #30YearsOfDemocracy

Ukhozi FM TV: Mnu Fanie Jason

UMnu Fanie Jason ungumthwebuli wezithombe owaziwayo osehambe umhlaba wonke. Wathwebula izindaba nezigameko eziningi komongameli abaningi abavelele emhlabeni wonke, kuhlanganise nezimpi. Nguyena owathwebula isithombe sikaTata uMandela ngesikhathi ekhululwa ejele. UMnu. Fanie Jason usathweluba nezithombe zase Ndlunkulu yase Ngilandi, nezithombe lezi ezazitholakala kakhulu phakathi nendawo kuma Magazines ezazithandwa kakhulu. Thamela lesiqephu ulalele lengqalabutho isilandisa ngezimo eke yazibona empilweni yakhe esebenza lomsebenzi ngesikhathi sobandlululo. #UkhoziFMTV #FanieJason #30YearsOfDemocracy #UkhoziFM #MuziMthabela

Sixoxa noDkt Futhi Mkhize ongumsunguli we-Dr Phyto Medicinal Plants

UNeliswa Cele ubenengxoxo ekhethekile noDokotela Futhi Mkhize, ongumsunguli we Dr Phyto Medicinal Plants njengoba wafunda i-Phytomedicine. I-Phytomedicine igxile ekusebenziseni izitshalo ekwakheni amakhambi alekelela umzimba ekulweni nezifo. Bukela nasi isqephu sohlelo Ukhozi FM TV ufunde kabanzi ngalomkhakha wokulapha. #UKhoziFMTV #DrPhyto #DrFuthiMkhize #UkhoziFM

Sikhuluma nge-baby mama/daddy drama

Ezaselawini noDkt Nomcebo Mthembu - Namhlanje uDokotela ukhuluma nge-baby mama/daddy drama #UkhoziFMTV #UkhoziFM #UbusukuObuhle #30YearsOfDemocracy

Save video to ...