Ukhozi FM TV
Letta Mbulu

UKhozi FM TV lwabanethuba eliyinqayizivele lokuhlala phansi noMama Letta Mbulu, wasilandisa kabanzi ngohambo lwempilo yakhe, esuka lapha South Africa eyaphesheya. Waphinda wadingiswa lapha ekhaya, washada no Caiphus Semenya baba nomndeni. Uphinde wasebenza nezinkakha ezifana no Michael Jackson, Miriam Makeba kanye no Caiphus Semenya. Thokozela lengxoxo, ufunde kabanzi no Letta Mbulu. #UkhoziFMTV #LettaMbulu #UkhoziFM

Mam'uMbongwa

Kulesiqephu sinesihambeli sethu esiqavile uMam'uMbongwa, ozwakala kakhulu ohlelweni i-Dankie 1223, enza lesiqeshana esithi "Kubamb'Ezingelayo" lapho efundisa khona abantu base Ningizimu Afrika ukufesa, uyaqwashisa ngokumele ukwenze nokungamele ukwenza uma ufuna umsebenzi. Kulesiqephu, uqhubeka lapho ngomsebenzi wakhe wokufundisa abantu abasha kakhulukazi ukuthi izilungiselela kanjani uma ufuna ukuqashwa, futhi ubhalisa kanjani, namaphepha afakwayo. UMam'uMbongwa we-Dorka Career Consulting, useshintshe izimpilo zabantu abaningi ebafundisa indlela yokuziphatha uma ufuna umsebenzi, ephinde ekhiphe futhi amathuba emisebenzi emoyeni. Uma usanemibuzo ngokuqashwa nokugcwaliswa kwamaphepha okufesa, phuthuma uyolalela ama podcasts omsakazo, uwabheke ngaphansi kohlelo i-Dankie1223. #UkhoziFMTV #MamuMbongwa #Dankie1223 #KubambaEzingelayo #UkhoziFM

Sixoxa nabafundi abenza kahle kakhulu ezifundweni zabo zikaMatikuletsheni

Uhlelo Eshilo no Thembeka Zondo-Cele lwabanezihambeli okungabafundi abaphasa ngamalengiso umatikuletsheni wabo. Kubafundi abenze kahle kakhulu ezifundweni zabo kubalwa kubo uAsanda Dube, Mandisa Maphumulo, Luyanda Mngoma kanye noPamela Mahamba. Njengomsakazo sisaqhubeka nesiqubulo sethu sokuthi #TrendaNgemfundoYakho ngoba #ImfundoIyadlisa" ngempela imfundo iyona eyokuvulela iminyango eminingi. Thokozela lesi siqephu uphinde uzizwele ngezikhalazo zabo nabafisa ukusizwa ngakho beqhubeka nemfundo beya eNyuvesi. #UkhoziFMTV #Eshilo #UhamboNoNkulunkulu #ImfundoIyadlisa #TrendaNgemfundoYakho

Ukhozi FM Back To School 2025 - Glenmaize Primary School & Gobume High School

Ukhozi FM beluhambele izikole ezahlukahlukene ngomkhankaso owaziwa ngokuthi Ukhozi FM Back To School okungumkhankaso wokuvakashela izikole ezahlukahlukene. Ukhozi FM Back To School 2025 uyethulelwa abakwa-Hollywood Foundation. Ukhozi FM lubambisene ne Hollywood Foundation bebevakashele izikole lapho abafundi abayinkulungwane namakhulu amahlanu belekelelwa ngomfaniswano wesikole Ngomhlaka 28 ku Masingana 2025, besivakashele eGlenmaize Primary School (Ixopo) kanye nase Gobume High School (Umzinto) Ukhozi FM luthi #ImfundoIyadlisa Ukhozi FM Back To School 2025 niyilethelwa ngokubambisana ne-Hollywood Foundation #UkhoziFMTV #UkhoziFM #TrendaNgemfundoYakho

Ingoma Ehlukanisa Unyaka Car Handover - Mthandeni SK

Umsakazo Ukhozi FM uphethe umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka ngegiya eliphezulu, ngokuklomelisa lowo wengoma eyahlukanisa unyaka ka-2024/25 ngonyanyavu lwe Polo ka 2024 elisha ceke. Ukhozi FM lubambisene ne Black Mobile ebingabaxhasi bomkhankaso wengoma ehlukanisa uNyaka. Bekukuhle kudelile ezindlini zomsakazo ngomhlaka 24 kuMasingana 2025 lapho uMthandeni SK wengoma ethi Gucci ft MaWhoo ezihambele nomklomelo wakhe, wonyanyavu lwemoto entsha. #UkhoziFMTV #IngomaEhlukanisaUnyaka24 #MthandeniSK #UkhoziFM

Matric Top Learners 2024

Ukhozi FM TV lwalukhona eICC eThekwini kuklonyeliswa abafundi abaphase kahle uMatikuletsheni wabo ngo 2024. Labafundi basilandisa kafushane ngohambo lwabo lesikole kanye nendlela yokufunda ebabeke ezingeni eliphezulu kangaka lokubaqwaqwada bonke emakhanda Kwa-Zulu Natali. #UkhoziFMTV #Matric2024 #TrendaNgemfundoYakho #UkhoziFM

Uhambo noNkulunkulu: Sipho Mbatha "DJ Sgqemeza"

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noSipho Mbatha "DJ Sgqemeza" ngohambo lwakhe. Kulesiqephu uDJ Sgqemeza, osaba nguMfundisi manje usixoxela ngohambo lwakhe. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #UkhoziFMTV #UhambonoNkulunkulu #Eshilo #DJSgqemeza #UkhoziFM

We Can Arts Festival

UKhozi FM TV lwathola ithuba lokuyothamela umcimbi wamaciko akhubazekile obizwa ngokuthi yi “We can arts festival” lapho amaciko akhubazekile ekhombisa khona ubuciko babo ngokuhlukahlukana; abanye becula, bedansa, besho nezinkondlo. Ukhozi FM yisteshi esiqhakambisa abantu abakhubazekile, kunanonohlelo okuthiwa yi Disability 360, okuyilapho olufukula luphinde lubungaze abantu bakithi abakhubazekile. Thamela lesiqephu ubone ubuhle bamaciko, eshiyelana inkundla. #UkhoziFMTV #WeCanArtsFestival #Disability360 #UkhoziFM

Uhambo noNonkulunkulu: Simphiwe Shembe

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noSimphiwe Shembe ngohambo lwakhe. Ukhozi FM TV belumenyiwe ohlelweni #Eshilo oludlala njalo ngeSonto kusukela ngo 09h00 - 12h00 olushayelwa uThembeka Zondo-Cele ngaphansi kwengosi ethi #UhambonoNkulunkulu. Kulesiqephu uSimphiwe Shembe usixoxela ngohambo lwakhe Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #Eshilo #SimphiweShembe #UkhoziFMTV #UkhoziFM

Funda kabanzi ngegciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo lwayo (HIV & AIDS)

Inyanga ka Zibandlela yinyanga lapha eNingizimu Afrika yokuqwashisa ngegciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo lwayo. Ukhozi FM TV lwabanegxoxo ekhethekile nomunye wabasenzi abasebenzela inkampani engenzi nzuzo (NGO), uSizwe Hlongwane owasilandisa kabanzi ngesimo sengculaza kanye nesandulela ngculaza salapha eNingizimu Afrika. Izinombolo zabantu abaphila nalesifo ziphezulu kakhulu kanti izwe laseNingizimu Afrika lihamba phambili ngalolubhubhane, kanti uhulumeni unenjongo yokuliqeda nya leligciwane ngo 2030. Thamela lesiqephu esiphinde sigxile siphinde sifundise ngokusoka kubantu besilisa. #UkhoziFMTV #HIV/AIDS #MaleCircumcision #UkhoziCares #UkhoziFM

Miss & Mr Ndoni Cultural South Africa 2024/25

Ukhozi FM TV lwathola ithuba elingandele bani, lokuthamela umcimbi weNdoni. Umncintiswano wamasiko, okhombisa ukuhlukahluka kwamasiko kanye nokubumbana komphakathi. lolu uhlelo okuhloswe ngalo ukuqinisa ukuhlonza amasiko entsheni yaseMzansi, ngokubambisana noMnyango Wezobuciko Namasiko. Umbukiso owubukhazikhazi - obuhlanganisa imfashini, umdanso nemidlalo yesintu. #IndoniSA #IndoniMissCulturalSA #IndoniMrCulturalSA #MyHeritageMyPride #UkhoziFM

Ezaselawini no Dkt Nomcebo Mthembu

Ngosuku lokuqwashisa ngobungozi besifo sikashukela, uDkt Mthembu waba nengxoxo noLeeh Hlophe lapho asichazela khona kabanzi ngomthelela wesifo sikashukela kwezaselawini, phecellezi phakathi kwabantu ababili abathandanayo. Thamela lesiqephu ufunde kabanzi ngokuphila noshukela nokuthi ungenza kanjani ukuthi ungakukhinyabezi enkonzweni yasekamereni. #UkhoziFMTV #UFMTV #Ezaselawini #UbusukuObuhle

Ingoma Ehlukanisa Unyaka - Ukhozi FM Top 10

I-Skhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM luthathe izinyathelo ezingqala zokuphinda zicacisele umlaleli womsakazo Ukhozi FM ngemigudo nemigomo nemibandela yokungenela umncintiswano weNgoma Ehlukanisa Unyaka, okunguMdlalo okhandelwe ukuthi nabalaleli bebenovo ngeculo abazonqamulo ngalo unyaka bengena enyakeni omusha. Lomncintiswano usuvuse ukukhuluma okuningi kuleminyaka eyedlule, yikho kulokhu abaphathi balomsakazo bathe abachaze kabanzi ngokuthi ingoma engena kwi-Top 10 isuke ikhethwe kanjani? Thamela lesiqephu, ufunde kabanzi ngokufaka umculo wakho emsakazweni, kanti futhi nokuthi yiziphi izinyathelo ezithathwayo uma ingoma yakho isohliwni lalelizi eziyishumi ezesemjahweni wokuhlukanisa unyaka phecelezi Ukhozi FM Top 10 #UkhoziFMTV #UFMTV #IngomaEhlukanisaUnyaka #UkhoziFM

Igida Ngoma

Ukhozi FM TV luthole ithuba lokuthamela umcimbi okwakungu mcimbi wokuqala ngqa uhlelo Igida Ngoma okuyifilimu ekhuluma ngezinganekwane zamagida ngoma. Amagida ngoma ngabantu laba oke ubabone begidela abaculi baka Maskandi, ukube uMaskandi waba yileminye imhlobo yomculo, ngabe labantu sithi abadansi, laba abahamba nomculi. Amagida ngoma abantu abanosiko mpilo lwabo, ngoba kubo ukugida ndlela yempilo, kuwumdlalo abawuthandayo, njengoba ezinye izingane zidlala ibhola nje, bona bagida ingoma. Lomcimbi owaqopha umlando njengoba kwakungokokuqala ngqa loluhlobo lwe filimu lubonaka eCimena, iCenema eyaziwa kakhulu njengendawo eke ibukise imbukiso yaphesheya. #UkhoziFMTV #Amagidangoma #UkhoziFM64 #30YearsOfDemocracy

KZN Sport Awards 2024

Ukhozi FM TV lukwethulela isiqephu somcimbi wokuklonyeliswa kwabadlali bezemidlalo ehlukahlukene esifundazweni saKwa-Zulu Natali, kuma KZN Sports Awards

Professor VVO Mkhize

Abethuli bohlelo Ukhozi FM TV uNeliswa Cele no Muzi Mthabela bebevakashele eMlambomunye, esgodlweni saseMsamu Institute, lapho ababambela khona ingxoxo nomsunguli woMsamu Intitute, uProf VVO Mkhize. Lengxoxo ehlabahlosile ibungaza iphinde iqhakambise iqhaza lika-Professor uVVO Mkhize emsebenzini aseyenzile, nasayenza kuze kube yiskhathi samanje. Uma ungumlaleli womsakazo Ukhozi FM uyamazi uProf VVO Mkhize ngaphansi kwengosi ethi Ingono YoMsamo, kanti iyadlala futhi naku SABC 1 ngoMgqibelo ngo 17h30 Thamela lesiqephu wazi kangcono ngoProf VVO Mkhize #UkhoziFMTV #ProfVVOMkhize #VVOMkhize #MsamuInstitute #IngonoYoMsamo

Save video to ...