- Ukhozi FM TV

I-MMF 2025 isifikile! Ukhozi FM TV lukulethela amazwibela alendumezulu yomcimbi okhuza ibuya iMother of all Maskandi Festival. Kulesiqephu lomcimbi usekulesigaba se Top40. Kunandisa abaculi ababili uThandeka Radebe no Shwi okuyizihambeli zabaculi abazebo bekhona kwi MMF 2025, bakhombisa ababukeli ukuthi bazobe benzani mgomhlaka 05 April 2025, e People’s Park. #MMF2025 #BafikeleBayashisa #UkhoziFM #LeliLungeloNgelakho

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noProphetess OTT Shangase ngohambo lwakhe. Kulesiqephu, uhlelo Eshilo lwalushayelwa uPhindy P. UProphetess Shangase usilandisa ngokuhlengwa kwakhe uNkulunkulu ezimweni naye abengalindele kuzo. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #UkhoziFMTV #Eshilo #UhambonoNkulunkulu #ProphetessShangase #PhindyP

Kubeyintokozo enkulu Ukhozi FM TV luvakashele ingqalabutho, uBaba uFreddy Gwala onamagalelo namava amakhulu emculweni waseNingizimu Afrika ngama 80’s, 90’s nama 2000s. Lombhali wezingoma ophinde azididiyele usekhiphe amacwecwe acela ku 50, namaqembu ahlukahlukene, esingabala khona i-pure gold ne platform one namanye. Inqalabutho uFreddy Gwala waziqalela umsindo okungowakhe endimeni yomculo abawubiza nge Zoomba, nanamhlanje usabahlula abantu ukuwulingisela. Okumenza kube nguye yedwa ocula loluhlobo lo lomculo. Kulenkulumo usilandisa kabanzi ngohambo lwakhe kwezomculo, no kholo. Okunye okushaqe abaningi ilapho achaza khona ukuthi yena akaze waboshwa njengezinkolelo ezikhona ukuthi wake waboshwa. Thamela lesiqephu, ufunde ngalengqalabutho. #UkhoziFMTV #FreddyGwala #Amadamara #Puregold #PlatformOne #UkhoziFM

Kwaba intokozo enkulu, Ukhozi FM TV luthola ithuba lokuba nengxoxo ekhethekile nengqalabutho kwezomculo eNingizimu Afrika ubaba uSipho “Hotstix” Mabuse. Kulengxoxo uveza ngempilo yakhe esakhula, ukungena kwakhe emculweni, amaTours, kanye nempilo yakhe manje esaqedela nesikole, okuyinto ayenze eseneminyaka engamashumi ayisithupha. Thokozela le nkulumo wazi kabanzi ngo Sipho Hotstix Mabuse. #UkhoziFMTV #SiphoHotstixMabuse #HotstixMabuse #UkhoziFM

Ukhozi FM TV lwathamela umcimbi wokuklonyeliswa kwabafundi bebanga leshumi, abafunda ngaphathi emajele Kwa-Zulu Natali. Lamajele abamba iqhaza elikhulu esibalweni sabafundi abaphasa ngamalengiso Kwa-Zulu Natali. Kukhona izikole ezine la eKZN zozine abafundi bakhona baphase bonke isikole ngasinye sathola u100% Kulesiqephu sixoxa nabafundi abaphase kahle, abasengaphakathi nasebephumile, kanye nabazali, kanye no Thisha. #UkhoziFMTV #DCSMatric2024 #ImfundoIyadlisa #UkhoziFM

Kulesiqephu uDokotela ufundisa ngesihloko abaningi abakholelwa ukuthi senziwa abantu nje kuphela mabeganga, kanti kuyenzeka kuzenzekele ngokwendalo- lento yokubhajwa uma nindawonye elawini. Udokotela wenaba kahle efundise ngalesihloko, thamela mlaleli nawe ufunde ukuthi uma kungenzeka uzithole kulesimo nawe, ungazisiza kanjani. #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #Ezaselawini #DrMthembu #UkhoziFM

UKhozi FM TV lwabanethuba eliyinqayizivele lokuhlala phansi noMama Letta Mbulu, wasilandisa kabanzi ngohambo lwempilo yakhe, esuka lapha South Africa eyaphesheya. Waphinda wadingiswa lapha ekhaya, washada no Caiphus Semenya baba nomndeni. Uphinde wasebenza nezinkakha ezifana no Michael Jackson, Miriam Makeba kanye no Caiphus Semenya. Thokozela lengxoxo, ufunde kabanzi no Letta Mbulu. #UkhoziFMTV #LettaMbulu #UkhoziFM

Kulesiqephu sinesihambeli sethu esiqavile uMam'uMbongwa, ozwakala kakhulu ohlelweni i-Dankie 1223, enza lesiqeshana esithi "Kubamb'Ezingelayo" lapho efundisa khona abantu base Ningizimu Afrika ukufesa, uyaqwashisa ngokumele ukwenze nokungamele ukwenza uma ufuna umsebenzi. Kulesiqephu, uqhubeka lapho ngomsebenzi wakhe wokufundisa abantu abasha kakhulukazi ukuthi izilungiselela kanjani uma ufuna ukuqashwa, futhi ubhalisa kanjani, namaphepha afakwayo. UMam'uMbongwa we-Dorka Career Consulting, useshintshe izimpilo zabantu abaningi ebafundisa indlela yokuziphatha uma ufuna umsebenzi, ephinde ekhiphe futhi amathuba emisebenzi emoyeni. Uma usanemibuzo ngokuqashwa nokugcwaliswa kwamaphepha okufesa, phuthuma uyolalela ama podcasts omsakazo, uwabheke ngaphansi kohlelo i-Dankie1223. #UkhoziFMTV #MamuMbongwa #Dankie1223 #KubambaEzingelayo #UkhoziFM

Uhlelo Eshilo no Thembeka Zondo-Cele lwabanezihambeli okungabafundi abaphasa ngamalengiso umatikuletsheni wabo. Kubafundi abenze kahle kakhulu ezifundweni zabo kubalwa kubo uAsanda Dube, Mandisa Maphumulo, Luyanda Mngoma kanye noPamela Mahamba. Njengomsakazo sisaqhubeka nesiqubulo sethu sokuthi #TrendaNgemfundoYakho ngoba #ImfundoIyadlisa" ngempela imfundo iyona eyokuvulela iminyango eminingi. Thokozela lesi siqephu uphinde uzizwele ngezikhalazo zabo nabafisa ukusizwa ngakho beqhubeka nemfundo beya eNyuvesi. #UkhoziFMTV #Eshilo #UhamboNoNkulunkulu #ImfundoIyadlisa #TrendaNgemfundoYakho

Ukhozi FM beluhambele izikole ezahlukahlukene ngomkhankaso owaziwa ngokuthi Ukhozi FM Back To School okungumkhankaso wokuvakashela izikole ezahlukahlukene. Ukhozi FM Back To School 2025 uyethulelwa abakwa-Hollywood Foundation. Ukhozi FM lubambisene ne Hollywood Foundation bebevakashele izikole lapho abafundi abayinkulungwane namakhulu amahlanu belekelelwa ngomfaniswano wesikole Ngomhlaka 28 ku Masingana 2025, besivakashele eGlenmaize Primary School (Ixopo) kanye nase Gobume High School (Umzinto) Ukhozi FM luthi #ImfundoIyadlisa Ukhozi FM Back To School 2025 niyilethelwa ngokubambisana ne-Hollywood Foundation #UkhoziFMTV #UkhoziFM #TrendaNgemfundoYakho

Umsakazo Ukhozi FM uphethe umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka ngegiya eliphezulu, ngokuklomelisa lowo wengoma eyahlukanisa unyaka ka-2024/25 ngonyanyavu lwe Polo ka 2024 elisha ceke. Ukhozi FM lubambisene ne Black Mobile ebingabaxhasi bomkhankaso wengoma ehlukanisa uNyaka. Bekukuhle kudelile ezindlini zomsakazo ngomhlaka 24 kuMasingana 2025 lapho uMthandeni SK wengoma ethi Gucci ft MaWhoo ezihambele nomklomelo wakhe, wonyanyavu lwemoto entsha. #UkhoziFMTV #IngomaEhlukanisaUnyaka24 #MthandeniSK #UkhoziFM

Ukhozi FM TV lwalukhona eICC eThekwini kuklonyeliswa abafundi abaphase kahle uMatikuletsheni wabo ngo 2024. Labafundi basilandisa kafushane ngohambo lwabo lesikole kanye nendlela yokufunda ebabeke ezingeni eliphezulu kangaka lokubaqwaqwada bonke emakhanda Kwa-Zulu Natali. #UkhoziFMTV #Matric2024 #TrendaNgemfundoYakho #UkhoziFM

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noSipho Mbatha "DJ Sgqemeza" ngohambo lwakhe. Kulesiqephu uDJ Sgqemeza, osaba nguMfundisi manje usixoxela ngohambo lwakhe. Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #UkhoziFMTV #UhambonoNkulunkulu #Eshilo #DJSgqemeza #UkhoziFM

UKhozi FM TV lwathola ithuba lokuyothamela umcimbi wamaciko akhubazekile obizwa ngokuthi yi “We can arts festival” lapho amaciko akhubazekile ekhombisa khona ubuciko babo ngokuhlukahlukana; abanye becula, bedansa, besho nezinkondlo. Ukhozi FM yisteshi esiqhakambisa abantu abakhubazekile, kunanonohlelo okuthiwa yi Disability 360, okuyilapho olufukula luphinde lubungaze abantu bakithi abakhubazekile. Thamela lesiqephu ubone ubuhle bamaciko, eshiyelana inkundla. #UkhoziFMTV #WeCanArtsFestival #Disability360 #UkhoziFM

Umuntu nomuntu unohambo lwakhe, namhlanje sixoxa noSimphiwe Shembe ngohambo lwakhe. Ukhozi FM TV belumenyiwe ohlelweni #Eshilo oludlala njalo ngeSonto kusukela ngo 09h00 - 12h00 olushayelwa uThembeka Zondo-Cele ngaphansi kwengosi ethi #UhambonoNkulunkulu. Kulesiqephu uSimphiwe Shembe usixoxela ngohambo lwakhe Kuningi abaxoxa ngakho kulesiqephu, thola kabanzi ngalokhu ngokubukela lesiqephu. #Eshilo #SimphiweShembe #UkhoziFMTV #UkhoziFM

Inyanga ka Zibandlela yinyanga lapha eNingizimu Afrika yokuqwashisa ngegciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo lwayo. Ukhozi FM TV lwabanegxoxo ekhethekile nomunye wabasenzi abasebenzela inkampani engenzi nzuzo (NGO), uSizwe Hlongwane owasilandisa kabanzi ngesimo sengculaza kanye nesandulela ngculaza salapha eNingizimu Afrika. Izinombolo zabantu abaphila nalesifo ziphezulu kakhulu kanti izwe laseNingizimu Afrika lihamba phambili ngalolubhubhane, kanti uhulumeni unenjongo yokuliqeda nya leligciwane ngo 2030. Thamela lesiqephu esiphinde sigxile siphinde sifundise ngokusoka kubantu besilisa. #UkhoziFMTV #HIV/AIDS #MaleCircumcision #UkhoziCares #UkhoziFM
Save video to ...
